Hoseya 10:13 - IsiZulu 2020 Nilime inkohlakalo, navuma ukungalungi, nidle isithelo senkohliso, ngokuba nethembela endleleni yenu nasebuningini bamabutho enu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nilime ububi, navuna okubi; nidlile izithelo zamanga, ngokuba nethemba endleleni yenu nakubo ubuningi bamaqhawe enu. Contemporary Zulu Bible 2024 Nilima ububi, navuna ububi; nidlile izithelo zamanga, ngokuba nathembela endleleni yenu, ngobuningi bamaqhawe enu. |
Inkosi ayisindiswa wubuningi bempi yayo; iqhawe alikhululwa ngamandla alo amakhulu.
“Bheka, nasi isiqhwaga esingazange simenze uNkulunkulu abe yinqaba yaso, kodwa sethembela ebuningini bomcebo waso, sabambelela kakhulu ebubini baso.”
Maningathembeli ekuqhwageni, ningazigabisi ngokuphangiweyo. Uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo.
Izindebe ezikhuluma iqiniso ziyakuma kuze kube phakade, kepha ulimi lwamanga lungolomzuzwana nje.
Umuntu uyakudla okuhle okuvela emazwini akhe amahle, kepha abambuluzayo balambele ubudlova.
Kukhona okunye engakubona phansi komthunzi welanga: umncintiswano wokugijima awuyi ngajubane, nempi akusiyo eyabanamandla, nakudla kohlakaniphileyo, namcebo, nampumelelo kwabanamakhono, kodwa isikhathi nethuba kubehlela bonke.
noma ungazenza zikhule ngosuku ezitshalwe ngalo, wenze okuhlwanyelweyo kuqhakaze ngakusasa, nokho akuyukuba khona sivuno ngalolo lusuku lokulila nobuhlungu obungelapheki.
U-Efrayimi ungizungeze ngamanga, nendlu ka-Israyeli ngenkohliso; uJuda uvukelana noNkulunkulu noNgcwele othembekileyo.
“Kukhona ukuqalekisa nokukhohlisa, ukubulala, nokweba, nokuphinga, bayadlebeleka, kugobhoza igazi.
“Ngokuba bahlwanyele umoya, bayakuvuna isivunguvungu; uhlanga alunantshakaza, alukhiqizi mpuphu; uma luyikhiqiza, iyakushwabadelwa ngabafokazi.
“Inkosi yakwa-Israyeli iphumele ukulandela bani na? Uxosha bani? Ukuhubha inja efileyo, intwakumba eyodwa nje.