Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Hagayi 2:12 - IsiZulu 2020

Uma umuntu ephethe inyama engcwelisiweyo ingasemphethweni wengubo yakhe, bese ethinta ngomphetho wakhe isinkwa, noma ukudla okuphekiwe, noma iwayini noma amafutha noma ngabe yikuphi ukudla, sekuyakuba ngcwele yini na?’ ” Abaphristi baphendula bathi: “Cha.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Uma umuntu ephethe inyama engcwele emphethweni wengubo yakhe, ethinta ngomphetho wakhe isinkwa, noma ukudla, noma iwayini, noma amafutha, noma yikuphi ukudla, kuyakuba ngcwele na?’ ” Abapristi baphendula bathi: “Qha.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Uma umuntu ephethe inyama engcwele esiqeshini sengubo yakhe, athinte isinkwa noma okuphuzwayo noma iwayini noma amafutha nanoma iyiphi enye inyama, ingabe kufanele kube ngcwele? Abapristi baphendula bathi: Hatshi.

Uka jalj uñjjattʼäta



Hagayi 2:12
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

I-althare uyolenzela ukubuyisana izinsuku eziyisikhombisa, ulingcwelise, libe ngcwele kakhulu, ukuze kuthi konke okulithintayo nakho kube ngcwele.”


Izimpukane ezifile zenza amakha abe nephunga elibi; kanjalo nobuwula obuncane buyakwedlula ukuhlakanipha nodumo.


Kuyothi lapho bephumela egcekeni elingaphandle, okuyigceke labantu, bazikhumule izembatho zabo abakhonza ngazo, bazibeke emakamelweni angcwele, bagqoke ezinye izingubo, funa bangcwelise abantu ngezembatho zabo.


Noma yini eyothinta inyama yawo iyoba ngcwele; lapho igazi lawo lichaphazeleke engutsheni, uyoyigeza endaweni engcwele ingxenye yengubo echaphazelekile.


Uyakudliwa yibo bonke abesilisa phakathi kwabaphristi; ungcwelengcwele.


Bonke abesilisa abangabaphristi bayowudlela endaweni engcwele. Ungcwelengcwele.


“Zimpumputhe, yikuphi okukhulu phakathi komnikelo ne-althare elingcwelisa umnikelo na?


Bafundisa uJakobe izehlulelo zakho, no-Israyeli umthetho wakho; babeka impepho phambi kwamakhala akho, nomnikelo oshiswa wonke e-althare lakho.