Inkosi uJehowashi yabiza uJehoyada, umphristi, nabanye abaphristi, yathi kubo: “Kungani kuze kube manje izimfa zendlu zingalungisiwe na? Ngakho-ke ningabe nisayithatha imali kwabasondelene nani, kodwa niyinikelele izimfa zendlu.”
Hagayi 1:2 - IsiZulu 2020 Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Laba bantu bathi: ‘Asikafiki isikhathi sokuba kwakhiwe kabusha indlu kaSimakade.’ ” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Laba bantu bathi: ‘Akukabi yisikhathi sokuza, isikhathi sokwakha indlu kaJehova.’ ” Contemporary Zulu Bible 2024 Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Laba bantu bathi: ‘Asikafiki isikhathi, isikhathi sokwakhiwa kwendlu kaJehova. |
Inkosi uJehowashi yabiza uJehoyada, umphristi, nabanye abaphristi, yathi kubo: “Kungani kuze kube manje izimfa zendlu zingalungisiwe na? Ngakho-ke ningabe nisayithatha imali kwabasondelene nani, kodwa niyinikelele izimfa zendlu.”
Kwathi ukuba ifuzela lencwadi yenkosi u-Arithahishashitha lifundwe lonke phambi kukaRehumi, noShimishayi umbhali, nabangani babo, baphuthuma baya eJerusalema bayophoqa abaJuda ukuba bayeke ukwakha kabusha umuzi.
UJuda wathi: “Amandla abathwala imithwalo aphelile, maningi amabibi, asisakwazi ukuqhubeka sakhe kabusha ugange.”
isikhathi sokubulala, nesikhathi sokuphilisa; isikhathi sokubhidliza, nesikhathi sokwakha;
Noma yini isandla sakho esiyitholayo yenze ngamandla akho wonke, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.
Ngonyaka wesibili wokubusa kukaDariyu inkosi, ngenyanga yesithupha, ngosuku lokuqala enyangeni, kwafika izwi likaSimakade ngesandla sikaHagayi umphrofethi kuZerubhabhele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, lathi:
Kepha amadoda ayenyuke naye athi: “Asinakwenyuka sihlasele laba bantu, ngokuba banamandla kunathi.”