Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Esteri 6:9 - IsiZulu 2020

bese kuthi esinye sezikhulu zakho eziqavile, simgqokise ingubo lowo muntu inkosi efuna ukumdumisa, simgibelise ehhashini, simhole siye naye eshashalazini lomuzi. Uma sesifike lapho siyomemezela, sithi: ‘Kuyokwenziwa kanje kumuntu inkosi efuna ukumdumisa!’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

isambatho nehhashi makunikezwe esandleni sesinye sezikhulu ezidumileyo ukuba zimembathise lowo muntu inkosi ethanda ukumdumisa, zimkhwelise ehhashini esigcawini somuzi, zimemeze phambi kwakhe ngokuthi: ‘Uyakwenzelwa kanjalo umuntu inkosi ethanda ukumdumisa.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Le ngubo nehhashi makunikezwe esandleni sesinye sezikhulu zenkosi ezihlonipheke kakhulu ukuba zigqokise umuntu inkosi ethanda ukumdumisa ngayo, zimlethe ngehhashi ezitaladini zomuzi, zimemeze phambi kwakhe, Kuyakwenziwa kanjalo kumuntu inkosi ethanda ukumdumisa.

Uka jalj uñjjattʼäta



Esteri 6:9
5 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wamgibelisa enqoleni yempi egitshelwa yilowo ongowesibili emva kwakhe, bamemeza phambi kwakhe, bathi: “Guqani!” UFaro wambeka ngaleyo ndlela-ke uJosefa, ukuba abe ngumbusi walo lonke iGibhithe.


Inkosi yathi kuHamani: “Phuthuma uthathe ingubo nehhashi okhulume ngakho, ukwenze lokhu kuMoridekhayi, umJuda, ohlala esangweni lesigodlo senkosi. Ukwenze konke lokhu okushilo.”


UHamani wangena, inkosi yambuza, yathi: “Angenzelwani umuntu inkosi efuna ukumphakamisa na?” UHamani wacabanga ngaphakathi, wathi: “Ngubani omunye inkosi engafuna ukumphakamisa ngaphandle kwami?”


Thokoza kakhulu ndodakazi yaseZiyoni, hlokoma ngenjabulo ndodakazi yaseJerusalema. Uyabona-ke, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inqobile, ithobekile, igibele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.