Yabuza yathi kubo: “Njengoba ngithumele abathenwa ukuba bayolanda indlovukazi uVashiti, kodwa ayiwugqizanga qakala umyalelo wami, ngabe uthini umthetho maqondana nalolo daba na?”
Esteri 6:6 - IsiZulu 2020 UHamani wangena, inkosi yambuza, yathi: “Angenzelwani umuntu inkosi efuna ukumphakamisa na?” UHamani wacabanga ngaphakathi, wathi: “Ngubani omunye inkosi engafuna ukumphakamisa ngaphandle kwami?” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yayisithi inkosi kuye: “Umuntu inkosi ethanda ukumdumisa wenzelwani na?” UHamani wathi enhliziyweni yakhe: “Ngubani inkosi ebiyakuthanda ukumenzela udumo ngaphandle kwami na?” Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho uHamani engena, inkosi yathi kuye: “Makwenziweni ngomuntu inkosi ethanda ukumdumisa na? UHamani wasesithi enhliziyweni yakhe: Inkosi ingathokoza bani ukudumisa ngaphandle kwami? |
Yabuza yathi kubo: “Njengoba ngithumele abathenwa ukuba bayolanda indlovukazi uVashiti, kodwa ayiwugqizanga qakala umyalelo wami, ngabe uthini umthetho maqondana nalolo daba na?”
waqhosha ngomcebo wakhe omkhulu, namadodana amaningi, nezikhundla zonke inkosi embeke kuzo, nokuthi imenze wamkhulu phezu kwezikhulu nabaholi.
UHamani wayesethatha ingubo nehhashi, wagqokisa uMoridekhayi, wamgibelisa ehhashini, wamusa esigcawini somuzi ehamba phambi kwakhe ememeza, ethi: “Bhekani, uyokwenzelwa lokhu umuntu inkosi ethanda ukumdumisa nokumklomelisa!”
Izinceku zenkosi zaphendula, zathi: “Bheka, nguHamani omi egcekeni.” Inkosi yathi kuzo: “Mngeniseni.”
bese kuthi esinye sezikhulu zakho eziqavile, simgqokise ingubo lowo muntu inkosi efuna ukumdumisa, simgibelise ehhashini, simhole siye naye eshashalazini lomuzi. Uma sesifike lapho siyomemezela, sithi: ‘Kuyokwenziwa kanje kumuntu inkosi efuna ukumdumisa!’ ”
Mabethabe, bajabule abathokoza ngokulunga kwami; mabathi njalo njalo: “Makadunyiswe uSimakade othokoza ngenhlalakahle yenceku yakhe.”
Ukweduka kwabangenamqondo kuyakubabulala, nokudembesela kweziwula kuyozibhubhisa.
Inhliziyo yomuntu iyaziqhenya ngaphambi kokuba abhujiswe, kanti ukuthobeka kwandulela udumo.
“Bheka, inceku yami engiyesekayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; ngibekile umoya wami phezu kwakhe, uyakwenzela izizwe ubulungiswa.
Ngiyakuthokoza ngabo, ngibenzele okuhle, ngibatshale ngeqiniso kuleli lizwe, ngayo yonke inhliziyo yami, nangawo wonke umphefumulo wami.
Ukuqhosha kwenhliziyo yakho kukukhohlisile wena ohlala emifantwini yamadwala, ondawo yakho iphezulu, othi enhliziyweni yakho: Ngubani nje ongangehlisela phansi emhlabeni na?
Kwase kuzwakala izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo.”
Bese eza kuwe onimemileyo, athi: ‘Dedela lona, kule ndawo ohleli kuyo’, bese wena uhamba uyohlala kwesingezansi, uphoxekile.
ukuze bonke bayihloniphe iNdodana njengalokhu behlonipha uYise. Ongayihloniphi iNdodana, kamhloniphi noYise oyithumileyo.