Indlovukazi uVashiti yabenzela idili abesifazane basesigodlweni senkosi u-Ahasheveroshi.
Esteri 5:8 - IsiZulu 2020 uma ngingathola umusa kuwe nkosi, ungenzele engikucelayo nengikunxusayo, makuthi inkosi noHamani beze kusasa edilini engizobe ngibalungisele lona, ngizobe sengenza njengokusho kwenkosi.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma ngifumene umusa emehlweni enkosi noma kukuhle enkosini ukunginika lokho engikucelayo nokwenza lokho engikufunayo, makuze inkosi noHamani edilini engiyakubalungisela lona; ngiyakwenza kusasa njengezwi lenkosi.” Contemporary Zulu Bible 2024 Uma ngifumene umusa emehlweni enkosi, futhi uma kukuhle enkosini ukunginika umkhuleko wami nokugcwalisa isicelo sami, inkosi noHamani mabeze esidlweni engibalungisele sona, futhi kusasa ngizobalungiselela. Yenza njengokusho kwenkosi. |
Indlovukazi uVashiti yabenzela idili abesifazane basesigodlweni senkosi u-Ahasheveroshi.
UHamani wathi: “Ngisho nendlovukazi u-Esteri ayimemanga muntu omunye edilini ngaphandle kwami nenkosi, nakusasa ngiyaphindela, mina nenkosi isimemile,
Indlovukazi u-Esteri yaphendula, yathi: “Uma ngifumene umusa kuwe nkosi, futhi kukuhle kuwe, mangibuyiselwe ukuphila kwami nokwabantu bakithi, yileso isicelo sami, yilokho engikucelayo.
wathi: “Uma kukuhle enkosini, ngifumene umusa kuyo, futhi uma kulungile phambi kwayo, ngicela ibhale umyalelo wokuhoxisa icebo likaHamani, indodana kaHamedatha, umAgagi, owabhala izincwadi zokuthi kubhujiswe abaJuda abahlala kuzo zonke izifundazwe zenkosi.
Inhliziyo yomuntu iceba indlela yakhe, kodwa uSimakade uyaziqondisa izinyathelo.