Ngesikhathi sokubusa kuka-Ahasheveroshi, esaqala nje ukubusa, izitha zabhala incwadi zimangalela izakhamuzi zakwaJuda naseJerusalema.
Esteri 3:6 - IsiZulu 2020 Wakubona kungenele ukuthi enzakalise uMoridekhayi kuphela, ngoba wayesezwile ukuthi ungumJuda, wenza icebo lokubulala bonke abaJuda, abantu bakubo kaMoridekhayi ababehlala embusweni ka-Ahasheveroshi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwakudelelekile emehlweni akhe ukubeka izandla kuMoridekayi yedwa, ngokuba zase zimtshelile abantu bakaMoridekayi; ngalokho uHamani wafuna ukubulala bonke abaJuda ababe sembusweni wonke ka-Ahashiveroshi, isizwe sikaMoridekayi. Contemporary Zulu Bible 2024 Wadelela ukubeka izandla kuMoridekayi yedwa; ngoba bamvumela ukuthi abone abantu bakaMoridegayi; ngalokho uHamani wazama ukubhubhisa bonke abaJuda ababesembusweni wonke ka-Ahashiveroshi, abantu bakaMoridegayi. |
Ngesikhathi sokubusa kuka-Ahasheveroshi, esaqala nje ukubusa, izitha zabhala incwadi zimangalela izakhamuzi zakwaJuda naseJerusalema.
kodwa u-Esteri eseyitshelile inkosi ngaleyo ndaba, yathi akubhalwe izincwadi zokuguqula lelo lisu elibi likaHamani ayehlose ngalo ukucekela phansi abaJuda, lelo cebo laba yisijeziso esehlela yena namadodana akhe, baphanyekwa ezigxotsheni zokuphanyeka.
Bathi: “Wozani sibaqothule, bangabe besaba yisizwe, negama lika-Israyeli lingabe lisakhunjulwa.”
“Awuzwanga yini laba bantu bekhuluma, bethi: ‘Imindeni yomibili uSimakade ayikhethayo uyilahlile na?’ Base bebadelela abantu bami, kwaze kwangathi abasesizwe phambi kwabo.
Ngakho-ke jabulani nina mazulu nalabo abahlala kuwo. Maye, kuwe mhlaba, nakuwe lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi kahle ukuthi isikhathi sifushane!”