Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Esteri 2:7 - IsiZulu 2020

Wayenomzala ogama lakhe lingu-Esteri, elesiHebheru kunguHadasa, owayemuhle futhi eme kahle. Uyise nonina babengasekho, ngakho-ke uMoridekhayi wamthatha wamkhulisa njengendodakazi yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Wayelokhu emondla uHadasa ongu-Esteri, indodakazi kayisekazi, ngokuba wayengenayise, engenanina; intombi yayiyinhle, yayibukeka; sebefile uyise nonina, uMoridekayi wayithatha yaba yindodakazi yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Wayesondla uHadasa, ongu-Esteri, indodakazi kayisekazi; ngokuba yayingenayise noma unina, intombazana yayiyinhle, iyinhle; uMoridekayi wafa uyise nonina wayithatha yaba yindodakazi yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta



Esteri 2:7
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Ngakho-ke lawa madodana akho amabili azalelwe lapha eGibhithe ngingakafiki, asengawami manje. U-Efrayimi noManase bangabami, njengoba kunjalo kuRubeni noSimeyoni.


ukuba balethe indlovukazi uVashiti ifake umqhele wobundlovukazi. Indlovukazi yayingowesifazane omuhle, inkosi yayifuna ukubukisa ngobuhle bayo kubantu nasezikhulwini.


Laze lafika nethuba lika-Esteri indodakazi ka-Abhihayili, umfowabo kaMoridekhayi. UMoridekhayi wayemkhulise kwangathi yindodakazi yakhe. U-Esteri akazange acele lutho ngaphandle kwalokho uHegayi, umthenwa owayephethe, ayethe akakusebenzise. Bonke ababembona babethatheka ngubuhle bakhe.


U-Esteri wayengakaze atshele muntu ukuthi ungumJuda, nokuthi bangobani abomndeni wakubo, njengoba uMoridekhayi ayemyalile, ngoba wayengachezuki eziyalweni zikaMoridekhayi njengangesikhathi esahlala naye.


Ngalolo lusuku inkosi u-Ahasheveroshi yanika u-Esteri, indlovukazi, indlu kaHamani, isitha sabaJuda. UMoridekhayi weza enkosini, ngokuba u-Esteri wayeseyitshelile ukuthi bahlobene kanjani.


ngaludla ngedwa ucezu lwami lwesinkwa, ngayincisha intandane,


ngokuba kusukela ebusheni bami ngayikhusela intandane njengoyise, kwasesiswini sikamame ngingumholi wabafelokazi,


ngibe nguYihlo, nina nibe ngamadodana, namadodakazi ami,” kusho iNkosi uSomandla.


Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.


Ake nibheke uthando olungaka asinike lona uBaba, ukuba kuthiwe singabantwana bakaNkulunkulu, futhi siyibo. Nokho izwe alisazi, ngokuba naye alimazanga.