Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Esteri 2:5 - IsiZulu 2020

Kwakukhona eShushani inhlokomuzi, uMoridekhayi umJuda, indodana kaJayiri, kaShimeyi, kaKhishi wakwaBhenjamini,

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kwakukhona umuntu womJuda eShushani endlini yenkosi ogama lakhe lalinguMoridekayi kaJayire kaShimeyi kaKishi wakwaBenjamini,

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kwakukhona esigodlweni saseShushani umJuda othile ogama lakhe linguMoridegayi indodana kaJayire kaSimeyi kaKishi wakwaBenjamini;

Uka jalj uñjjattʼäta



Esteri 2:5
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi lapho inkosi uDavide ifika eBhahurimi, kwaphuma omunye wabomndeni wendlu yenkosi uSawule, igama lakhe kunguShimeyi, indodana kaGera; wayehla enyuka ethuka inkosi.


Inkosi uJehoyakini wakwaJuda wazinikela enkosini yaseBhabhele, yena, unina, izinceku zakhe, izikhulu zakhe nezikhulu esigodlweni sakhe. Inkosi yaseBhabhele yamthatha ngonyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe.


Yathumba uJehoyakini, yamyisa eBhabhele, indlovukazi unina wenkosi, amakhosikazi enkosi, izinduna zayo, nezikhulu zezwe, bonke yabathumba besuka eJerusalema yabayisa eBhabhele.


Inkosi u-Ahasheveroshi, ngaleso sikhathi, yayibusa ihlezi esihlalweni sayo esasisenhlokomuzi yayo, iShushani,


UMoridekhayi, umJuda, wayengowesibili ngokwesikhundla embusweni wenkosi u-Ahasheveroshi, enamandla phakathi kwabaJuda, iningi labakubo limthanda, ngokuba wayesebenzela inhlalakahle yabantu bakubo, elwela ukuphatheka kahle kwazo zonke izizukulwane zabo.


Inkosi iqoke izikhulu kuzo zonke izifundazwe embusweni wayo, ukuba ziqoqe zonke izintombi ezibukekayo, zilethwe esigodlweni kuHegayi, umthenwa, okunguyena owengamele indlu yabesifazane, azinike izimonyo zazo.


Inkosi mayikhethe intombi eyoyithanda, ibe yindlovukazi esikhundleni sikaVashithi.” Sayithokozisa inkosi leso seluleko, yenza kanjalo.


Kwathi ngosuku lwesithathu, u-Esteri wagqoka ingubo yobundlovukazi, wema egcekeni lesigodlo senkosi elingaphakathi, eliqondene nendlu yenkosi. Inkosi yayihleli esihlalweni sayo sobukhosi, iqondene nesango elingenela esigodlweni.


Kwakukhona umuntu kwaBhenjamini ogama lakhe kunguKishi, indodana ka-Abhiyeli kaZerori kaBhekhorathi ka-Afiya, indodana yowakwaBhenjamini, iqhawe elinamandla.