Wayesesuka uMoridekhayi wayobikela indlovukazi u-Esteri, yona yabikela inkosi ngaleyo ndaba eyayiyitshelwe nguMoridekhayi.
Leyo ndaba yaziwa nguMoridekayi, wayitshela u-Esteri inkosikazi; u-Esteri wayisho enkosini egameni likaMoridekayi.
Le ndaba yaziwa nguMoridegayi, wayitshela u-Esteri inkosikazi; u-Esteri wayimemezela inkosi yayo egameni likaMoridekayi.
UHaribhona omunye wabathenwa ababephambi kwenkosi, wathi: “Kunesigxobo sokuphanyeka eside uHamani asimisele ukuphanyeka kuso uMoridekhayi, indoda eyasindisa impilo yakho, nkosi; singamakhubhithi angama-50 ubude.” Inkosi yayaleza, yathi: “Mphanyekeni kuso!”
Ungayiqalekisi inkosi ngisho emcabangweni wakho; kumbe uqalekise ocebileyo, ulele ekamelweni lakho; ngokuba inyoni yezulu ingase ikuthwale okushilo, noma yini enamaphiko ingayikhuluma indaba.
Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izehlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!
Yilowo nalowo anganaki okungokwakhe, kodwa anake nokwabanye.