Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Esteri 2:21 - IsiZulu 2020

Ngelinye ilanga uMoridekhayi ehleli esangweni lesigodlo, uBhigithana noThereshi, abathenwa ababili ababeqapha isango lendlu yenkosi, babenokukhononda ngenkosi, ngakho-ke benza uzungu lokuyibulala.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngalezo zinsuku uMoridekayi esahlezi esangweni lenkosi, izinduna ezimbili zenkosi oBigithani noThereshi kubalindisango zazithukuthele, zafuna ukubeka izandla enkosini u-Ahashiveroshi.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngalezo zinsuku lapho uMoridekayi ehlezi esangweni lenkosi, izinceku ezimbili zenkosi, uBhigithani noTeresi, ababeqapha umnyango, bathukuthela bazama ukubeka isandla enkosini u-Ahashiveroshi.

Uka jalj uñjjattʼäta



Esteri 2:21
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wayesethi ku-Abhishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani-ke lo mBhenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba nguSimakade omthumile.


UZimri, umkhuzi wengxenye yempi yezinqola zakhe, wamenzela ugobe. Ngesikhathi eseThiriza ezigcingca ngotshwala endlini ka-Ariza, owayengamele isigodlo sakhona,


Izinceku zakhe zenza ugobe, zambulala uJowashi esendlini eMilo, uma wehla ubheke eSila.


Izinceku zika-Amoni zamakhela uzungu; zayibulala inkosi endlini yayo.


Ngesikhathi sokubusa kuka-Ahasheveroshi, esaqala nje ukubusa, izitha zabhala incwadi zimangalela izakhamuzi zakwaJuda naseJerusalema.


Lapho izintombi ziqoqwa okwesibili, uMoridekhayi wayehleli esangweni lenkosi.


Ngalobo busuku inkosi yaqwasha, yase iyala ukuba kulethwe kuyo umqulu womlando okubhalwe kuwo izehlakalo zemihla ngemihla zombuso wayo, zafundwa phambi kwenkosi.


Kwatholakala lapho kwakulotshwe khona ukuthi uMoridekhayi wabaceba kanjani abathenwa ababili, ababengabaqaphi besango lenkosi uBhigithani noThereshi, ngozungu ababelwakhele inkosi u-Ahasheveroshi.


Nguye opha amakhosi insindiso, osindisa inceku yakhe, uDavide, enkembeni yababi.


UDaniyeli wacela enkosini, yabeka oShadirakhi, noMeshakhi, no-Abhedi Nego phezu kwezindaba zesifunda saseBhabhele, kepha uDaniyeli wayesesangweni lenkosi.