Esteri 1:21 - IsiZulu 2020 Leso seluleko sikaMemukhani sayithokozisa inkosi nezikhulu zayo, inkosi yenza njengoba eyelulekile uMemukhani, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Laba lihle lelo zwi emehlweni enkosi nasezikhulwini; yenza-ke inkosi njengezwi likaMemukhani; Contemporary Zulu Bible 2024 Leli zwi lalilungile emehlweni enkosi nasezikhulwini; inkosi yenza njengezwi likaMemukani. |
Uma kukuhle kuwe nkosi, mawukhiphe isimemezelo sasebukhosini, sibhalwe emthethweni ukuthi uVashiti uyamenqabela ukuba aphinde angene lapho inkosi ikhona, kube wumthetho wamaPheresiya namaMediya ongaguquki, bese inkosi ithatha enye indlovukazi engcono kunaye.
Uma abantu kuwo wonke umbuso wakithi, njengoba umkhulu kangaka, bezwa ngaleso simemezelo, bonke abesifazane, noma ngabe bangabantukazana noma yizikhulu, bayobahlonipha abayeni babo.”
yathumela izincwadi kuzo zonke izifundazwe, kuleso naleso sifundazwe, ngokohlelo lokubhala lwakhona, nakulabo bantu ngolimi lwakubo, sigcizelela ukuthi: onke amadoda angomakhonya emizini yawo, nokuthi wulimi lwesizwe sakubo oluzokhulunywa kulelo khaya.
Inkosi mayikhethe intombi eyoyithanda, ibe yindlovukazi esikhundleni sikaVashithi.” Sayithokozisa inkosi leso seluleko, yenza kanjalo.