USolomoni wayenabafazi abangamadodakazi amakhosi abangama-700, nezancinza ezingama-300. Amakhosikazi akhe ayiphambukisa inhliziyo yakhe.
Esteri 1:18 - IsiZulu 2020 Khona namuhla amakhosikazi ezikhulu zamaPheresiya namaMediya, uma ezwa ngokuziphatha kwendlovukazi, azomelana nezikhulu zenkosi, kube nendelelo nentukuthelo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Namuhla amakhosikazi asePheresiya naseMediya ayizwile le ndaba yenkosikazi ayakukusho ezikhulwini zenkosi, kube ngukudelela nentukuthelo enkulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokufanayo, amakhosikazi asePheresiya naseMediya ayakusho namuhla kuzo zonke izikhulu zenkosi ezizwe ngesenzo sendlovukazi. Ngaleyo ndlela kuzovela ukwedelela okukhulu nentukuthelo. |
USolomoni wayenabafazi abangamadodakazi amakhosi abangama-700, nezancinza ezingama-300. Amakhosikazi akhe ayiphambukisa inhliziyo yakhe.
Uma abesifazane bakuzo zonke izizwe bezwa ukuthi uVashiti uziphathe kanje, kuzobenza ukuthi bonke abesifazane bangabe besabahlonipha abayeni babo, ngoba inkosi imbizile, yena wenqaba ukuza kuyo.
Uma kukuhle kuwe nkosi, mawukhiphe isimemezelo sasebukhosini, sibhalwe emthethweni ukuthi uVashiti uyamenqabela ukuba aphinde angene lapho inkosi ikhona, kube wumthetho wamaPheresiya namaMediya ongaguquki, bese inkosi ithatha enye indlovukazi engcono kunaye.
Abesifazane bakhe abahlakaniphileyo bayaphendula, wawuphendula yena uqobo umbuzo: