Ngesikhathi sokubusa kuka-Ahasheveroshi, esaqala nje ukubusa, izitha zabhala incwadi zimangalela izakhamuzi zakwaJuda naseJerusalema.
Esteri 1:1 - IsiZulu 2020 Lokhu kwenzeka ngesikhathi sokubusa kwenkosi u-Ahasheveroshi; lona ngu-Ahasheveroshi owayebusa izifundazwe eziyi-127, kusukela eNdiya kuye eKhushe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi emihleni ka-Ahashiveroshi yena ungu-Ahashiveroshi lowo owabusa kusukela e-Indiya kuze kube seKushe phezu kwezifunda eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi emihleni ka-Ahashiveroshi ngu-Ahashiveroshi owabusa kusukela eNdiya kuze kube seKushe, phezu kwezifunda eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa. |
Ngesikhathi sokubusa kuka-Ahasheveroshi, esaqala nje ukubusa, izitha zabhala incwadi zimangalela izakhamuzi zakwaJuda naseJerusalema.
Inkosi iqoke izikhulu kuzo zonke izifundazwe embusweni wayo, ukuba ziqoqe zonke izintombi ezibukekayo, zilethwe esigodlweni kuHegayi, umthenwa, okunguyena owengamele indlu yabesifazane, azinike izimonyo zazo.
Ngaleso sikhathi kwase kubizwa ababhali benkosi. Kwakuwusuku lwama-23, ngenyanga yesithathu ebizwa ngokuthi uShivani. Bayalwa ukuba babhale noma yini uMoridekhayi abayala ukuba bayibhalele abaJuda ababesembusweni ka-Ahasheveroshi, neziphathimandla, nababusi, nezikhulu ezazikuzo zonke izifundazwe eziyi-127, kusuka eNdiya kuya eKhushe. Izincwadi bazibhala ngolimi lwaleso naleso sizwe, ngokwehlukana kwazo, nangokubhala kwazo, nakubaJuda, ngokubhala kwabo nangolimi lwabo.
Izincwadi zathunyelwa kubona bonke abaJuda ababesezifundazweni eziyi-127 zombuso wenkosi u-Ahasheveroshi, bebafisela ukuthula nokuvikeleka,
Esezwile ngoThirahaka, inkosi yaseKhushe, kuthiwa: “Uphumile ukuzolwa nawe,” isikuzwile lokho, yathumela izithunywa kuHezekiya, yathi kuye:
“Manje ngikutshela iqiniso. Bheka, kusezakuvela amakhosi amathathu ePheresiya; eyesine iyakunotha kunawo wonke; isiqinile ngengcebo yayo iyakuvusa konke ukulwa nombuso waseJavani.
Kwaba kuhle kuDariyu ukuba abeke phezu kombuso izikhulu eziyi-120 zibuse embusweni wonke.
Ngonyaka wokuqala kaDariyu indodana ka-Ahashiveroshi, wozalo lwamaMede, owabekwa inkosi phezu kombuso wamaKhaledi,