Ngokuba uyibeke ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade; uyenza ithokoze, ijabule ngobukhona bakho.
EkaJuda 1:24 - IsiZulu 2020 Kepha kuYena onamandla okunilonda ningakhubeki, animise phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha kuyena onamandla okunilinda ukuba ningakhubeki, nimiswe phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza okukhulu, Baasraak Zulu New Testament Bible Kuye olamandla okulilinda ekukhubekeni, lokulimisa phambi kwenkazimulo yakhe lingelasici ngentokozo enkulu; Contemporary Zulu Bible 2024 Kuye olamandla okulilinda ekukhubekeni, lokulimisa phambi kwenkazimulo yakhe lingelasici ngentokozo enkulu; |
Ngokuba uyibeke ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade; uyenza ithokoze, ijabule ngobukhona bakho.
ngize ngifike e-althare likaNkulunkulu, kuNkulunkulu oyinjabulo yami nokwethaba kwami; ngikudumise ngokhehlegume, Nkulunkulu, Nkulunkulu wami.
Umphristi ohlambululayo uyobeka umuntu ozohlanjululwa nalezo zinto phambi kukaSimakade ngasemnyango wethende lokuhlangana.
Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.
UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: nina eningilandelayo, ezweni elisha, lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi ezili-12, nehlulele izizwe ezili-12 zakwa-Israyeli.
“Kuyakuthi lapho iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele zikanye nayo, iyakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo.
Jabulani, nithokoze ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngokuba babazingela kanjalo abaphrofethi abanenduleleyo.”
Ngokuba yilowo nalowo onamahloni ngami nangamazwi ami, iNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngalowo lapho iza ngenkazimulo yayo, nekaYise neyezingelosi ezingcwele.
Lapho ungubani nje wena owehlulela inceku yomunye na? Kuphambi kwenkosi yayo ukuma noma ukuwa kwayo, kodwa iyakumiswa, ngokuba iNkosi inamandla okuyimisa.
Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?
Ngokuba nginomona ngani, umona kaNkulunkulu, lokhu nganendisela endodeni eyodwa ukuze nginiyise kuKhristu niyintombi emsulwa.
sazi ukuthi lowo owayivusa iNkosi uJesu uyakusivusa nathi kanye noJesu, asethule kanye nani.
Ngokuba usizi lwethu oluncane lwesikhashana lusilungisela inkazimulo enkulu yaphakade, engenakulinganiswa.
KuYena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi,
ukuze azimisele ibandla elinenkazimulo, lingenasisihla nambimbi, nanto enjalo, kodwa libe ngcwele, lingabinacala.
nokho manje usebuyisene nani emzimbeni wenyama yayo ngokufa ukuba animise ningcwele, ningenasisihla nacala phambi kwakhe,
OkunguYena esimshumayelayo, siluleka wonke umuntu, sibafundisa bonke abantu ngokuhlakanipha konke, ukuze sethule wonke umuntu ephelele kuKhristu,
nxa ebonakaliswa uKhristu ongukuphila kwethu, nani-ke niyakubonakaliswa kanye naye enkazimulweni.
INkosi iyakungihlenga kuyo yonke imisebenzi emibi, ingivikele, ngize ngifinyelele embusweni wayo ezulwini: makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade.
Kepha thokozani njengalokhu nihlanganyela ezinhluphekweni zikaKhristu, ukuze futhi nithokoze, nethabe nasekwambulweni kwenkazimulo yakhe.
Ngakho-ke bazalwane, khuthalani kakhulu ukuze nikhombise ukubizwa nokukhethwa kwenu. Phela uma nikwenza lokho, anisoze nakhubeka nakanye.
nizigcine othandweni lukaNkulunkulu, nilindele umusa weNkosi yethu uJesu Khristu oholela ekuphileni okuphakade.