Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




EkaJuda 1:16 - IsiZulu 2020

Yibo laba abangabakhonondayo nabasolayo, abahamba ngokubuswa yizinkanuko zabo, bekhuluma amazwi aluwangala, betusa abanye ukuze bazuze.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Yilabo abakhononayo nabasolayo, behamba ngezinkanuko zabo, umlomo wabo ukhuluma uwangala, betusa ubuso ngenxa yenzuzo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Laba ngabakhonondi nabasolayo, behamba ngezabo izinkanuko; nomlomo wabo ukhuluma izikhukhula, betusa ubuso babantu ngenxa yenzuzo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Laba ngabakhonondi nabasolayo, behamba ngezabo izinkanuko; nomlomo wabo ukhuluma izikhukhula, betusa ubuso babantu ngenxa yenzuzo.

Uka jalj uñjjattʼäta



EkaJuda 1:16
38 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Mangingenzeleli muntu, noma ngincetheze kunoma ngubani,


ongakhethi buso bezikhulu, onganaki ocebileyo kunompofu na? Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.


Bakhononda besemathendeni abo; abaze balihlonipha izwi likaSimakade.


obenyanyayo abanengekayo, kepha ebazisa abesaba uSimakade; owenza isifungo asigcine, noma isimo singamvumeli;


Zivalile izinhliziyo zazo, azinasihe, zikhuluma zizigqaja ngemilomo yazo.


Baklolodela abanye, bakhulume okubi, baziqhenye, bahlongoze ukubacindezela.


Ukwenzelela akukuhle, kepha ngocezwana nje lwesinkwa umuntu angenza okubi.


Abaduka emoyeni, bayofinyelela ekwazini, nalabo abakhonondayo, bayokwamukela umyalo.”


“ ‘Aniyukuhlanekezela ukwehlulela. Aniyukumbandlulula ompofu, nivune ocebileyo, kodwa niyomehlulela ngokulunga umakhelwane wenu.


Lawa madoda uMose ayewathumele ukuyohlola izwe, abuya ekhononda, enza nenhlangano yonke ikhononde ngaye, ngokuletha umbiko omubi ngezwe.


Ngakho-ke wena nalo lonke iviyo lakho nihlanganele ukuzomelana noSimakade. Ubeyini u-Aroni ukuba ningaze nikhononde ngaye na?”


Ngakusasa yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli yakhononda ngoMose no-Aroni, yathi: “Nibulele abantu bakaSimakade.”


Kepha abaFarisi nezazimthetho bakhononda, bethi: “Lo muntu wamukela izoni, futhi adle nazo.”


Kuthe lapho bekubona lokho, bakhononda bonke, bathi: “UJesu ungenise endlini yendoda eyisoni.”


AbaFarisi nezazimthetho bakhononda kubafundi bakhe, bathi: “Yini ukuba nidle niphuze nabathelisi nezoni na?”


Ngalokho-ke abaJuda bakhononda ngoJesu, ngokuba ethe: “Ngiyisinkwa esehle ezulwini.”


Kepha uJesu, azi ukuthi abafundi bakhe bayakhononda ngalokho, wathi kubo: “Ngabe lokho kuyanicasula yini na?


Maningakhonondi njengokuba abanye babo bakhononda, babhujiswa ngumbhubhisi.


Kepha ngithi: hambani ngoMoya, khona aniyukuzifeza izinkanuko zemvelo yenu eyonakeleyo.


Kepha abakaKhristu bayibethele imvelo eyonakeleyo nokuhuheka nezinkanuko zayo.


nakhononda emathendeni enu, nathi: ‘Kungenxa yokuba uSimakade esizonda okwenze ukuba asikhiphe eGibhithe ukuzosinikela esandleni sama-Amori, ukuba asibhubhise.


Kwenzeni konke ngaphandle kokukhononda nokuphikisana,


kungabi ngokushisa kwenkanuko njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu,


ukuxabana okungapheliyo kwabantu abangqondo yabo yonakalisiwe, futhi abaphucwe iqiniso, abathi ukuzenzela inzuzo kungubuNkulunkulu.


Ngokuba kuyakufika isikhathi abangayukuyamukela ngaso imfundiso elungileyo, kodwa bayakuzibuthela abafundisi ngokwezinkanuko zabo nangokubatshwa kwezindlebe zabo.


Njengabantwana abalalelayo, ningahuhwa-ke yizinkanuko zakuqala ngenxa yokungazi kwenu.


Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo.


ukuze ngalesi sikhathi esisasele nisesemzimbeni ningabe nisaphila ngezinkanuko zabantu, kodwa ngentando kaNkulunkulu.


ikakhulu labo abenza izinto ezixakile behudulwa yizinkanuko zabo ezimbi futhi bedelela nabasemagunyeni. Banesibindi futhi bangabaphikeleli abangesabi ukuhleba abenkazimulo,


Ngokuba bakhuluma udwadwa, kuthi ngamazwi ayize, bayenge ngezinkanuko zenyama nangamanyala adlangileyo, labo abasanda kuphunyuka kulabo abaphambukileyo.


Okokuqala, nidinga ukuba nazi ukuthi ngezinsuku zokugcina, kuyakufika ababhinqayo bebhinqa behamba ngokwezinkanuko zabo,


ukubehlulela bonke nokujezisa yonke imiphefumulo ngenxa yemisebenzi yokungamesabi uNkulunkulu, abayenze ngokungahloniphi, nangawo wonke amazwi anesihluku abawakhuluma ngaye; lezi yizoni ezimbi.”


Basho ukuthi ngesikhathi sokugcina kuyakuba khona ababhinqayo, bebuswa yizinkanuko zabo zokungcola.