EkaJuda 1:14 - IsiZulu 2020 U-Enokhi, owayengowesikhombisa kusukela ku-Adamu, waphrofetha ngalaba, wathi: “Uyabona, iNkosi iyeza nezindimbane zabangcwele bayo, IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Enoke ongowesikhombisa kusukela ku-Adamu waprofetha ngabo, wathi: “Bheka, iNkosi iyakufika nabangcwele bayo abayizigidigidi, Baasraak Zulu New Testament Bible Naye u-Enoke, owesikhombisa kusukela ku-Adamu, waprofetha ngalaba, wathi: “Bheka, iNkosi iyeza nezinkulungwane eziyishumi zabangcwele bayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Naye u-Enoke, owesikhombisa kusukela ku-Adamu, waprofetha ngalaba, wathi: “Bheka, iNkosi iyeza nezinkulungwane eziyishumi zabangcwele bayo. |
Bhekani, uSimakade uyaphuma endaweni yakhe ukuba ajezise abakhileyo emhlabeni ngenxa yesiphambeko sabo. Umhlaba uzodalula igazi elichithwe kuwo, ungabe usabafihla ababulawelwe kuwo.
Niyobalekela emhosheni wezintaba zami, ngokuba umhosha wezintaba uyofinyelela e-Azali. Niyobaleka njengoba nanibalekela ukuzamazama komhlaba ngezinsuku zika-Uziya inkosi yakwaJuda. USimakade uNkulunkulu wami uyakufika nabo bonke abangcwele kanye nawe.
Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.
“Kuyakuthi lapho iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele zikanye nayo, iyakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo.
wathi: “USimakade weza evela eSinayi, wabakhanyisela evela eSeyiri, wakhazimula entabeni iPharanu. Weza nezigidi zabangcwele; ebaphathele umthetho ovuthayo esandleni sakhe sokunene.
ukuze izinhliziyo zenu zisimame, zingabi nakusoleka ebungcweleni phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu, ekufikeni kweNkosi yethu uJesu kanye nabo bonke abangcwele bayo.
Kepha nize entabeni iZiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, izigidigidi zezingelosi embuthanweni womkhosi,
Bhekani, uyeza ngamafu, onke amehlo ayakumbona, nalabo abamgwazayo; zonke izizwe zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.
Ngase ngibona, futhi ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, izidalwa, namalunga, inani lezingelosi kwakuyizigidi nezinkulungwane zezinkulungwane,