EkaJakobe 5:2 - IsiZulu 2020 Ingcebo yenu ibolile, nezingubo zenu zidliwe yinundu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ingcebo yenu ibolile, nezingubo zenu zidliwe yizinundu; Baasraak Zulu New Testament Bible Inotho yenu ibolile, nezingubo zenu zidliwe yizinundu. Contemporary Zulu Bible 2024 Inotho yenu ibolile, nezingubo zenu zidliwe yizinundu. |
Umuntu uyamjezisa ngenxa yesono sakhe, lokho okuligugu kuye, ukudla njengobuvunya, kuphele nya, wonke umuntu ungumoya nje. Sela
Mina phela iNkosi uSimakade iyangisiza; ngubani oyongilahla ngecala na? Bonke bayoguga njengengubo, badliwe yizinundu.
Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo, nebhu libadle njengoboya bezimvu, kodwa ukulunga kwami kuyakuma kuze kube phakade, nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.”
Owenza ingcebo ngokungalungi ufana nentendele echamusela ingazalelanga; iyakumshiya dengwane esaphile ingxenye nje yezinsuku zakhe, ekugcineni abe yisiwula.
Thengisani ngeninakho, nabele abampofu, nizenzele izikhwama zemali ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini; lapho kungasondeli khona sela nanundu, ukuba yone.
Ngokuba uma kungena esinagogeni lenu umuntu ofake indandatho yegolide emnweni wakhe, egqoke nezingubo zakwanokusho, bese kungena nompofu ogqoke izingubo ezimbi,
sibe nefa elingapheliyo, elingenasisihla, elingabuniyo, enililondolozelwe ezulwini.