Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane, ngizonenza nizondane nenzalo yowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.”
EkaJakobe 4:4 - IsiZulu 2020 Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho-ke lowo othanda ukuba ngumngani wezwe, uzenza isitha sikaNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu. Baasraak Zulu New Testament Bible Ziphingi neziphingi, anazi yini ukuthi ubungane bezwe bungubutha kuNkulunkulu? ngakho loba ngubani othanda ukuba ngumngane welizwe uyisitha sikaNkulunkulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Ziphingi neziphingi, anazi yini ukuthi ubungane bezwe bungubutha kuNkulunkulu? ngakho loba ngubani othanda ukuba ngumngane welizwe uyisitha sikaNkulunkulu. |
Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane, ngizonenza nizondane nenzalo yowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.”
Isandla sakho siyozifumana zonke izitha zakho; esokunene sakho sibathole abakuzondayo.
Ngokuba abakude nawe bayakubhubha, uyabachitha bonke abahlubuka kuwe ngokuphinga.
“ ‘Usho kanje uSimakade, ngiyakukhumbula umusa wobusha bakho, uthando lwakho njengomakoti, nokuthi wangilandela kanjani ehlane, ezweni okungatshalwanga lutho kulo.
Sengathi ngabe nginendawo yokulala izihambi ehlane, ukuze ngibashiye abantu bami, ngisuke kubo, ngokuba bonke bayiziphingi, iqembu lamaqili.
USimakade wathi kimi: “Hamba futhi, umthande owesifazane osethandwa ngomunye, nakuba ephingile. Mthande njengalokhu uSimakade ethanda abantu bakwa-Israyeli, noma sebephendukele kwabanye onkulunkulu, bathanda amakhekhe anamagilebhisi omisiwe.”
Kepha waphendula, wathi kubo: “Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kodwa asiyukunikwa sibonakaliso, kuphela leso sikaJona, umphrofethi.
Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kepha asiyukunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona, umphrofethi.” Wayesebashiya, wahamba.
“Akekho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma abambelele kwenye, ayedelele enye. Ningeke nakhonza uNkulunkulu noMamona.
Kepha lezo zitha zami ezazingathandi ukuba ngizibuse, ziletheni lapha, nizibulale ngizibonela ngawami.”
Ukuba beningabezwe, izwe belizakunithanda ngokuba ningabalo, kodwa lokhu ningesibo abalo, kodwa nganikhetha Mina ezweni, kungakho izwe linizonda.
Ngibanikile izwi lakho, umhlaba wabazonda, ngokuba bengesibo abawo; nami angisiye owomhlaba.
Izwe ngeke linizonde nina, kodwa Mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi.
Ngokuba uma sathi siseyizitha, sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe, kuyacaca bha ukuthi siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesikutholile ukubuyisana.
Ngokuba ukucabanga komuntu esenyameni kungubutha kuNkulunkulu, lokhu akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, futhi akusoze kwawuthobela,
Siphelelephi isazi na? Sikuphi isazimthetho na? Uphi oqophisana ngamazwi wakulesi sikhathi na? UNkulunkulu akakwenzanga yini kwaba wubuwula ukuhlakanipha kwakuleli lizwe na?
Ngokuba njengalokhu ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu izwe lingazange limazi uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, lokho kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo.
Ngabe manje ngizama ukuzincengela kubantu noma kuNkulunkulu na? Ngabe ngizama ukuthokozisa abantu na? Uma ngisazama ukuthokozisa abantu, ngabe angisiyo inceku kaKhristu.
Ukukholwa okumhlophe nokungangcolisiwe phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu: ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenacala lokwezwe.