Lowo muzi wabizwa ngokuthi yiBhabhele, ngokuba kulapho uSimakade aphambanisa khona ulimi lomhlaba wonke, wayesebahlakaza bagcwala umhlaba wonke.
EkaJakobe 3:16 - IsiZulu 2020 ngokuba lapho kukhona umhawu nobugovu, kukhona inxushunxushu nezenzo zonke ezimbi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba lapho kukhona umhawu nombango, kukhona isiyaluyalu nezenzo zonke ezimbi. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba lapho kukhona umhawu nokuxabana, kukhona isiyaluyalu nayo yonke imisebenzi emibi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba lapho kukhona umhawu nokuxabana, kukhona isiyaluyalu nayo yonke imisebenzi emibi. |
Lowo muzi wabizwa ngokuthi yiBhabhele, ngokuba kulapho uSimakade aphambanisa khona ulimi lomhlaba wonke, wayesebahlakaza bagcwala umhlaba wonke.
U-Onani wayazi ukuthi abantwana abazalwayo ngeke babizwe ngaye, kwathi noma elala nomkamfowabo wayichithela phansi imbewu, ukuze angamvuseli umfowabo umuzi.
Umuzi wonke wagcwala isiphithiphithi, baphuthuma kanyekanye enkundleni okubukelwa kuyo, bamdumela uGayu no-Aristarku baseMakhedoniya, ababehamba noPawula.
Kepha kulabo okwathi ngenxa yokuzazi bona, abangalilalela iqiniso, kepha balalela ukungalungi, bayobhekana nolaka nentukuthelo.
ngokuba uNkulunkulu akasiye owesiphithiphithi, kodwa ungowokuthula, njengokuba kunjalo kuwo wonke amabandla abangcwele.
ngokuba niphila ngokwenkambiso yabantu. Uma nje kusekhona kini umhawu nokuphikisana, anisibo yini abenyama? Anihambisi yini okwabantu na?
Ngokuba nginovalo lokuthi lapho ngifika kini, mhlawumbe ngizakunifumana ningenjengalokho engikulindele, nami ningifumane nginjengalokho eningakulindele. Nginovalo, hleze kube khona ukuphikisana, umona, ukuthukuthela, imibango, ukuhleba, ukuzikhukhumeza nezinxushunxushu,
ukukhonza izithombe, ukuthakatha, ubutha, ukulwa, umona, ulaka, ubugovu, ukwehlukana, ukuba maqembuqembu,
Kepha uma ninomhawu onzima nobugovu ezinhliziyweni zenu, ningazigabisi, niqambe amanga nimelane neqiniso.
kungabi njengoKhayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kodwa eyomfowabo ilungile.