Mina ngakutshala ungumvini wekhethelo, imbewu enhle kakhulu; pho uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi, elomvini wabezizwe na?
EkaJakobe 3:12 - IsiZulu 2020 Bazalwane bami, umkhiwane ungathela yini izithelo zomnqumo, noma umvini uthele amakhiwane na? Kanjalo namanzi anosawoti angewakhiphe amanzi amtoti. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umkhiwane, bazalwane bami, ungaba namandla yini okuthela izithelo zomnqumo, noma umvini amakhiwane na? Amanzi kasawoti angeveze amnandi. Baasraak Zulu New Testament Bible Bazalwane bami, umkhiwane ungathela izithelo zomnqumo na? noma umvini, amakhiwane? kanjalo kawunamthombo othela amanzi anosawoti namnandi. Contemporary Zulu Bible 2024 Bazalwane bami, umkhiwane ungathela izithelo zomnqumo na? noma umvini, amakhiwane? kanjalo kawunamthombo othela amanzi anosawoti namnandi. |
Mina ngakutshala ungumvini wekhethelo, imbewu enhle kakhulu; pho uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi, elomvini wabezizwe na?
“Kuphakathi kokuba nithi umuthi muhle, nesithelo sawo sibe sihle; noma nithi mubi, nesithelo sawo sibe sibi; ngokuba umuthi waziwa ngesithelo sawo.
Wabona umkhiwane owodwa ngasendleleni, waya kuwo, kodwa akatholanga lutho kuwo, ngaphandle kwamaqabunga kuphela. Wayesethi kuwo: “Akungabe kusavela sithelo kuwe naphakade.” Umkhiwane wabuna ngaso leso sikhathi.