U-Abhimeleki wabiza u-Abhrahama wathi: “Ukwenzeleni lokhu kithi, mina nombuso wami sikone ngani uze usethwese icala elingaka na? Wenze kithi okungafanele ukwenze.”
EkaJakobe 3:10 - IsiZulu 2020 Emlonyeni owodwa kuphuma izibusiso neziqalekiso. Bazalwane bami, akufanele ukuba lokho kube kanjalo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE emlonyeni munye kuphuma ukubusisa nokuqalekisa. Akufanele, bazalwane bami, ukuba lokho kube kanjalo. Baasraak Zulu New Testament Bible Emlonyeni munye kuphuma isibusiso lesiqalekiso. Akufanele lokho, bazalwane bami, ukuba kube njalo. Contemporary Zulu Bible 2024 Emlonyeni munye kuphuma isibusiso lesiqalekiso. Akufanele lokho, bazalwane bami, ukuba kube njalo. |
U-Abhimeleki wabiza u-Abhrahama wathi: “Ukwenzeleni lokhu kithi, mina nombuso wami sikone ngani uze usethwese icala elingaka na? Wenze kithi okungafanele ukwenze.”
UThamari wathi kuye: “Qha, mnewethu, ungangiphoqi; akwenziwa lokhu kwa-Israyeli. Ungalokothi wenze lobu buwula.
Izinhloko zalo zehlulela ngokugwazelwa, abaphristi balo bafundisa ngenxa yokukhokhelwa, nabaphrofethi babhula ngenxa yesiliva, bethembele kuSimakade, bethi: “Akekho yini phakathi kwethu uSimakade na?” Asiyukwehlelwa yinhlekele.
ngokuba niphila ngokwenkambiso yabantu. Uma nje kusekhona kini umhawu nokuphikisana, anisibo yini abenyama? Anihambisi yini okwabantu na?
Phezu kwalokho, bafunda ukuvilapha, baphuma bengena izindlu ngezindlu; abagcini nje ngokuvilapha, kodwa bayahleba, bazigaxe kokungesikho okwabo, bakhulume okungafanele.
Yazini lokhu, bazalwane bami abathandekayo, ukuthi: makube yilowo nalowo muntu asheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze nokuthukuthela.
Bazalwane bami, iningi lenu malingabi ngabafundisi, ngokuba niyazi ukuthi siyakwemukeliswa ukwehlulelwa okunzima.
Ngolimi sibonga iNkosi uBaba, nangalo futhi siqalekisa abantu abenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu.
Ningaphindisi okubi ngokubi, inhlamba ngenhlamba; kepha busisani, ngokuba nabizelwa lokho, ukuba nidle ifa lokubusiswa.