EkaJakobe 2:6 - IsiZulu 2020 Kepha nina nimehlisa isithunzi ompofu. Abacebileyo kabanicindezeli yini, banihudulele ezigcawini na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha nina namdumaza ompofu. Abacebileyo abanicindezeli yini, abanihuduleli emacaleni na? Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha nina nibadelile abampofu. Izicebi azinicindezeli yini, zinidonsele phambi kwezihlalo zokwahlulela na? Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha nina nibadelile abampofu. Izicebi azinicindezeli yini, zinidonsele phambi kwezihlalo zokwahlulela na? |
Kepha Wena uyamqaphela osenkathazweni nasosizini, wenze okuthile ngaye. Abampofu bangethembela kuwe, nezintandane ngokunjalo.
Silala unyendle emizini, ezindaweni ezinamathunzi, ukuze sibulale ongenacala; amehlo aso abheke labo abangenamandla.
Kepha Wena Simakade, uthi: “Ngenxa yabampofu abaphangwayo, nababuswezi ababubulayo, ngizakuvuka,” kusho uSimakade, “ngimbeke endaweni ephephile, ayilangazelelayo.”
Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe, kodwa onomusa kontulayo uhlonipha uMenzi wakhe.
Odelela ompofu usola uMenzi wakhe, nothokoza ngengozi akayukuyekwa angajeziswa.
Uma esifundazweni sangakini ubona abampofu becindezelwa, kungenabulungiswa, futhi bephucwa amalungelo abo, ungamangaliswa yilokho, ngoba isikhulu esiphezulu naso sibhekwe ngesinye, kukhona nezingaphezulu kwazo.
Yayidelelekile, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu okujwayele ukugula; yayeyiswa, injengofihlelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho.
Yizwani leli lizwi, nina zinkomo zaseBhashani enisentabeni eSamariya, enicindezela abampofu, niphathe kabi abantulayo, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”
“Ngakho-ke ngenxa yokuthi nicindezela abampofu, nithathe kubo ngenkani okusanhlamvu, noma ningakha izindlu ngamatshe abaziweyo, kodwa aniyukuhlala kuzo, noma ningatshala izivini ezinhle, kepha aniyukuliphuza iwayini lazo.
Ugwaza ikhanda lomholi wabo ngeyakhe imikhonto, lapho amabutho akhe engithelekela ukuba angihlakaze, ejabula njengazoshwabadela ompofu esithe.
Ningacindezeli abafelokazi, izintandane, abafokazi, nabampofu. Kungabi bikho odlinzela omunye okubi enhliziyweni yakhe.’
UJesu waphendula, wathi: “Anginadimoni, kodwa ngihlonipha uBaba, nina-ke niyangijivaza.
Kepha abaJuda bavukuza abesifazane bezizwe ababalulekile, ababekhonza nabo nezikhulu zomuzi, babavusela ukuba oPawula noBharnabha bahlushwe futhi babaxosha emikhawulweni yezwe labo.
Kepha kuthe lapho bengabatholi base behudula uJasoni nabazalwane abathile, babayisa kumphathimuzi, bememeza bethi: “Laba abanyakazisa izwe lonke sebefikile nalapha,
Kwathi uGaliyu esengumbusi wase-Akhaya, abaJuda nganhliziyonye, bamvukela uPawula, bamyisa phambi kwesihlalo sokwehlulela,
Kodwa uSawula walichitha ibandla, engena izindlu ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane; ebafaka ejele.
Kepha aninazindlu yini lapho ningadlela niphuzele khona na? Ngabe niyaledelela yini ibandla likaNkulunkulu; nenza abangenalutho babe namahloni na? Ngizakuthini kini? Nginincome na? Anginincomi ngalokho.
niyabheka, bese nithi kogqoke izingubo zakwanokusho: “Hlala lapha wena kule ndawo enhle,” bese nithi kompofu: “Yima lapho wena,” noma: “Hlala phansi kwesenabelo sezinyawo zami.”
Bhekani, umholo wezisebenzi ezivuna emasimini enu, eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwababevuna sekufinyelele ezindlebeni zeNkosi Yamabandla.