URibheka wathatha izingubo zakwanokusho zika-Esawu indodana yakhe endala, ayezibeke endlini yakhe, wazigqokisa uJakobe.
EkaJakobe 2:2 - IsiZulu 2020 Ngokuba uma kungena esinagogeni lenu umuntu ofake indandatho yegolide emnweni wakhe, egqoke nezingubo zakwanokusho, bese kungena nompofu ogqoke izingubo ezimbi, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba uma kungena esinagogeni* lenu umuntu onendandatho yegolide nezingubo ezicwebezelayo, kungene nompofu onezingubo ezimbi, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba uma kungena ebandleni lenu indoda enendandatho yegolide, ingubo enhle, kungena nompofu ogqoke izingubo ezingcolile; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba uma kungena ebandleni lenu indoda enendandatho yegolide, ingubo enhle, kungena nompofu ogqoke izingubo ezingcolile; |
URibheka wathatha izingubo zakwanokusho zika-Esawu indodana yakhe endala, ayezibeke endlini yakhe, wazigqokisa uJakobe.
Inkosi yase ikhipha indandatho yokusicilela emunweni wayo, yayinika uHamani, indodana kaHamedatha, umAgagi, isitha sabaJuda.
Inkosi yathatha indandatho yayo yokusicilela, leyo eyayiyephuce uHamani, yayinika uMoridekhayi. U-Esteri waqoka uMoridekhayi ukuba engamele indlu kaHamani.
Sonke sesiphenduke saba njengongcolileyo; zonke izenzo zethu ezilungileyo sezifana nengubo engcolileyo. Sonke sesibune njengeqabunga, nobubi bethu busiphephula njengomoya.
“Kepha uyise wathi ezincekwini zakhe: ‘Sheshani nilethe ingubo yakwanokusho, niyembathise, niyifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni,
Kepha uHerode namabutho akhe bamedelela, bambhinqa, baze bamembathisa ingubo ecwebezelayo, bambuyisela kuPilatu.
niyabheka, bese nithi kogqoke izingubo zakwanokusho: “Hlala lapha wena kule ndawo enhle,” bese nithi kompofu: “Yima lapho wena,” noma: “Hlala phansi kwesenabelo sezinyawo zami.”