Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




EkaJakobe 2:10 - IsiZulu 2020

Ngokuba ogcina wonke umthetho, kodwa akhubeke kowodwa nje, unecala kuwo wonke.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngokuba ogcina wonke umthetho kepha akhubeke kowodwa, unecala kuyo yonke.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Ngoba lowo ogcina umthetho wonke, kodwa akhubeke kokukodwa, unecala kuyo yonke;

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngoba lowo ogcina umthetho wonke, kodwa akhubeke kokukodwa, unecala kuyo yonke;

Uka jalj uñjjattʼäta



EkaJakobe 2:10
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bangena balidla, kodwa kabalilalenga izwi lakho, abahambanga ngemithetho yakho, konke owawubayale ngakho ukuba bakwenze abakwenzanga; wabe-ke usuwehlisela kubo yonke inhlekelele.


Ngokuba bonke abayeme emisebenzini yomthetho, baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangabambeleli, bakwenze konke njalo okulotshwe encwadini yomthetho.”


Ngiyaphinda ngiyafakaza kubantu bonke ukuthi osokayo uphoqelekile ukuba awufeze wonke umthetho.


“ ‘Makaqalekiswe ongawagcini amazwi alo mthetho, ukuba awenze.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’ ”


Ngokuba sonke siyakhubeka ngezindlela eziningi. Uma umuntu engakhubeki ngezwi alikhulumayo, lowo ungophelele impela, umuntu okwazi ukubamba umzimba wakhe wonke ngokungathi ngetomu.


Ngakho-ke bazalwane, khuthalani kakhulu ukuze nikhombise ukubizwa nokukhethwa kwenu. Phela uma nikwenza lokho, anisoze nakhubeka nakanye.


Kepha kuYena onamandla okunilonda ningakhubeki, animise phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza.