Bangena balidla, kodwa kabalilalenga izwi lakho, abahambanga ngemithetho yakho, konke owawubayale ngakho ukuba bakwenze abakwenzanga; wabe-ke usuwehlisela kubo yonke inhlekelele.
EkaJakobe 2:10 - IsiZulu 2020 Ngokuba ogcina wonke umthetho, kodwa akhubeke kowodwa nje, unecala kuwo wonke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba ogcina wonke umthetho kepha akhubeke kowodwa, unecala kuyo yonke. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngoba lowo ogcina umthetho wonke, kodwa akhubeke kokukodwa, unecala kuyo yonke; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba lowo ogcina umthetho wonke, kodwa akhubeke kokukodwa, unecala kuyo yonke; |
Bangena balidla, kodwa kabalilalenga izwi lakho, abahambanga ngemithetho yakho, konke owawubayale ngakho ukuba bakwenze abakwenzanga; wabe-ke usuwehlisela kubo yonke inhlekelele.
Ngokuba bonke abayeme emisebenzini yomthetho, baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangabambeleli, bakwenze konke njalo okulotshwe encwadini yomthetho.”
Ngiyaphinda ngiyafakaza kubantu bonke ukuthi osokayo uphoqelekile ukuba awufeze wonke umthetho.
“ ‘Makaqalekiswe ongawagcini amazwi alo mthetho, ukuba awenze.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’ ”
Ngokuba sonke siyakhubeka ngezindlela eziningi. Uma umuntu engakhubeki ngezwi alikhulumayo, lowo ungophelele impela, umuntu okwazi ukubamba umzimba wakhe wonke ngokungathi ngetomu.
Ngakho-ke bazalwane, khuthalani kakhulu ukuze nikhombise ukubizwa nokukhethwa kwenu. Phela uma nikwenza lokho, anisoze nakhubeka nakanye.
Kepha kuYena onamandla okunilonda ningakhubeki, animise phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza.