EkaJakobe 1:11 - IsiZulu 2020 Ngokuba ilanga liphuma libalele, libunise utshani, imbali ekubo ivuthuke, nobuhle bokubukeka kwayo bunyamalale; kanjalo-ke nesicebi siyakushabalala ezindleleni zaso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba ilanga liphuma libalele, libunisa utshani, imbali yabo iwele phansi, nobuhle besimo sabo bunyamalale; kanjalo nesicebi siyakudlula ezindleleni zaso. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngoba ilanga liyaphuma lilokushisa okutshisayo, kodwa libunisa utshani, lembali yabo iyawa, lobuhle besimo sabo bubhubha; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba ilanga liyaphuma lilokushisa okutshisayo, kodwa libunisa utshani, lembali yabo iyawa, lobuhle besimo sabo bubhubha; |
Umphefumulo wami udangele, wabunisa okotshani, inhliziyo yami imnyama, ukudla akusangeni.
“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje, impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.
Njengalokhu umuntu aphuma enqunu esizalweni sikanina, kanjalo nalapho esehamba, uyohamba enjalo, kukho konke akusebenzile akukho lutho ayohamba nalo esandleni.
Maye, kuwo umqhele wokuzikhukhumeza kwezidakwa zakwa-Efrayimi, nasembalini ebunayo yobuhle obukhazimulayo bawo, osenhloko yesigodi esivundile, salabo abanqotshwe yiwayini!
Imbali ebunayo yobuhle bawo obukhazimulayo, osenhloko yesigodi esivundile, iyofana nekhiwane elivuthwe kuqala lingakangeni ihlobo, noma ngubani olibonayo ulikha alisobozele lisesesandleni.
Abayukulamba, abayukoma, abayukushaywa yisifudumezi selanga, ngokuba Yena onozwelo kubo uyakubahola abayise emithonjeni yamanzi.
Kepha kwathi lapho seliphumile ilanga, yabuna, ngokuba ingenazimpande ezigxilileyo.
zathi: ‘Laba abokugcina basebenze ihora elilodwa nje, kodwa ubaholela njengathi esithwale ubunzima nesifudumezi semini.’
Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayukunembathisa yini kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?
nabasebenzisa leli lizwe mababe njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo saleli lizwe siyadlula.
sibe nefa elingapheliyo, elingenasisihla, elingabuniyo, enililondolozelwe ezulwini.
Kuyakuthi lapho uMelusi omkhulu esebonakaliswa, nizuze umqhele wenkazimulo ongabuniyo.