EkaJakobe 1:10 - IsiZulu 2020 noyisicebi azituse ngokuthotshiswa kwakhe, ngokuba uyakushabalala njengembali yotshani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha oyisicebi makazincome ngobuphansi bakhe, ngokuba njengembali yotshani uyakudlula. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha ocebileyo ngokuthotshiswa kwakhe, ngokuba njengembali yotshani uyakudlula. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha ocebileyo ngokuthotshiswa kwakhe, ngokuba njengembali yotshani uyakudlula. |
“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje, impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.
Izwi lithi: “Memeza!” Ngathi: “Ngiyakumemeza ngithini na?” Bonke abantu bangutshani, nabo bonke ubuhle babo bunjengembali yasendle.
Utshani buyabuna, imbali iyavuthuluka, ngokuba uMoya kaSimakade uyakuphephetha. Impela abantu bangutshani.
Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.
Zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami, ngakho-ke konke lokhu kwavela ngezwi lami,” kusho uSimakade. “Ngiyakubheka kulowo othobekile, nodabukileyo emoyeni, othuthumelayo ngenxa yezwi lami.
Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayukunembathisa yini kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?
nabasebenzisa leli lizwe mababe njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo saleli lizwe siyadlula.
Yebo impela, ngikushaya indiva ngenxa yobukhulu bokumazi uKhristu uJesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi ukuze ngizuze uKhristu,
Bayale abacebileyo kuleli lizwe lamanje ukuba bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebeni ephelayo, kodwa bathembele kuNkulunkulu osipha konke, ukuba sithokoze ngakho.
Kepha anilazi ikusasa ukuthi liniphatheleni nokuthi impilo yenu iyakuba yini na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana bese iyanyamalala.
ngokuba: “Yonke inyama injengotshani, nobuhle bayo bonke bunjengembali yotshani. Utshani buyabuna, nembali ivuthuluke. Kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade.”
Izwe liyadlula nenkanuko yalo. Kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.