Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 99:5 - IsiZulu 2020

Mphakamiseni uSimakade uNkulunkulu wethu, nikhuleke ngasesenabelweni sezinyawo zakhe; ungcwele Yena.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu, nikhuleke ngasesanabelweni sezinyawo zakhe; ungcwele yena.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Phakamisani uJehova uNkulunkulu wethu, nikhuleke phambi kwesenabelo sezinyawo zakhe; ngoba ungcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 99:5
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide, inkosi, wasukuma wama ngezinyawo, wathi: “Ngilaleleni bafowethu, nani bantu bami: bekusenhliziyweni yami ukuba ngakhele umphongolo wesivumelwano sikaSimakade indlu yokuphumula, neyisenabelo sezinyawo zikaNkulunkulu wethu; ngiwenzile amalungiselelo okuba ngakhe.


Mabamphakamise ebandleni labantu, bamdumise emhlanganweni wamalunga.


Phakama Nkulunkulu, phezu kwamazulu! Mayibe phezu komhlaba wonke inkazimulo yakho.


Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakubonga, Nkulunkulu wami, ngiyakuphakamisa.


“Masingene endlini yakhe, sikhuleke ngasesenabelweni sezinyawo zakhe.


Phakama ngamandla akho, Simakade. Thina sizohlabelela, situse amandla akho.


Mbongeni kanye nami uSimakade, siliphakamise kanyekanye igama lakhe.


Mabalibonge igama lakhe elikhulu nelesabekayo; ungcwele Yena.


Mphakamiseni uSimakade uNkulunkulu wethu, nikhuleke nisentabeni yakhe engcwele, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu ungcwele.


USimakade ungamandla ami nesivikelo sami, uyinsindiso yami, lona nguNkulunkulu wami, ngizokumtusa, nguNkulunkulu kababa, ngizokumphakamisa.


Ngalolo lusuku niyothi: “Bongani uSimakade, nibize igama lakhe, nazise phakathi kwezizwe izenzo zakhe, nimemezele ukuthi igama lakhe liphakeme.


Wena Simakade unguNkulunkulu wami; ngizokuphakamisa ngilidumise igama lakho, ngokuba wenze izimangaliso ezacetshwa emandulo, ngokwethembeka nangeqiniso.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iyiphi leyo ndlu eniyakungakhela yona, iyiphi indawo yami yokuphumula na?


Abantu bami baphikelele ukuhlubuka kimi, noma bangambiza kangakanani oPhezukonke, ngeke abaphakamise.


“Khuluma kuyo inhlangano yabantu bakwa-Israyeli, uthi kuyo: ‘Niyoba ngcwele ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wenu ngingcwele.