AmaHubo 99:2 - IsiZulu 2020 USimakade mkhulu eZiyoni, uphakeme phezu kwezizwe zonke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova mkhulu eSiyoni, uphakeme phezu kwezizwe zonke. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova mkhulu eSiyoni; futhi uphakeme phezu kwabo bonke abantu. |
UNkulunkulu ubusa izizwe, uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe sobukhosi esingcwele.
Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade. Amehlo akhe aqaphe izizwe, abanenkani bangaziphakamisi.
ngokuba Wena Simakade ungoPhezu kwawo wonke umhlaba, uphakeme kakhulu, ngaphezu kwabo bonke onkulunkulu.
Kikizani, nijabule zakhamuzi zaseZiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwenu.”
Ziyophendulwa ngokuthini izithunywa zesizwe na? Kuyothiwa nguSimakade omisele abahluphekileyo babantu bakhe iZiyoni, ukuba bayophephela kulo.
Akayibonanga inhlekelele engehlela uJakobe, akabonanga nankathazo kwa-Israyeli. USimakade uNkulunkulu wabo unabo, inhlokomo yenkosi yabo iphakathi kwabo.