UDavide watshela abaholi babaLevi ukuba babeke abafowabo, abahlabeleli bashaye izinsimbi ezishaywayo, izingubhu, amahabhu, amasimbali, bakushaye, bamemeze ngokuthokoza.
AmaHubo 98:5 - IsiZulu 2020 Mhubeleni uSimakade ngehabhu, ngehabhu nangezwi lehubo, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mhubeleni uJehova ngehabhu,* ngehabhu nangezwi lehubo. Contemporary Zulu Bible 2024 Hlabelelani kuJehova ngensimbi; ngensimbi nangezwi lehubo. |
UDavide watshela abaholi babaLevi ukuba babeke abafowabo, abahlabeleli bashaye izinsimbi ezishaywayo, izingubhu, amahabhu, amasimbali, bakushaye, bamemeze ngokuthokoza.
Wonke u-Israyeli wawukhuphula kanjalo-ke umphongolo wesivumelwano sikaSimakade; ngokukhamuluka nangomsindo womtshingo, amacilongo, amasimbali, ebetha izingubhu namahabhu.
Wamisa abaLevi endlini kaSimakade bephethe amasimbali, izingubhu namahabhu njengalokhu uDavide noGadi, umboni wenkosi, noNathani umphrofethi, babeyalezile, ngokuba isiyalezo sasivela kuSimakade ngomlomo wabaphrofethi bakhe.
Nkulunkulu wami, ngizobubonga ubuqotho bakho, ngogubhu lwezintambo, ngikudumise ngehabhu, Wena oNgcwele ka-Israyeli.
Ngokuba uSimakade uyoliduduza iZiyoni, aziduduze zonke izindawo zalo ezichithiweyo; enze ihlane lalo libe njenge-Edene, nogwadule lwalo lube njengensimu kaSimakade; injabulo, nentokozo, ukubonga, nezwi lokuhlabelela kuyofunyanwa khona.
Kuthe isiyithabathile incwadi, izidalwa ezine namalunga angama-24 awa athi mbo ngobuso phambi kweMvana, yilelo nalelo liphethe ihabhu, nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele.