“Simakade, akekho onjengawe, akekho uNkulunkulu ngaphandle kwakho, kukho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.
AmaHubo 97:9 - IsiZulu 2020 ngokuba Wena Simakade ungoPhezu kwawo wonke umhlaba, uphakeme kakhulu, ngaphezu kwabo bonke onkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba wena Jehova uphezu komhlaba wonke, uphakeme kakhulu phezu kwawonkulunkulu bonke. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba wena Jehova uphakeme phezu komhlaba wonke, uphakeme phezu kwabo bonke onkulunkulu. |
“Simakade, akekho onjengawe, akekho uNkulunkulu ngaphandle kwakho, kukho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.
Impela ngiyazi ukuthi uSimakade mkhulu, nokuthi iNkosi yethu ingaphezu konkulunkulu bonke.
bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguSimakade, ungoPhezukonke emhlabeni wonke.
Ngokuba izitha zakho, Simakade, izitha zakho ziyakubhubha, bonke abenza okubi bayakuhlakazwa,
Ngokuba uSimakade unguNkulunkulu omkhulu, uyiNkosi enkulu ngaphezu konkulunkulu bonke.
Manje ngiyazi ukuthi uSimakade mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, ngoba ukhulule abantu bakhe kwabaseGibhithe, lapho bebebaphethe khona ngokubaqonela.”
USimakade uphakeme, uhlala kweliphezulu, uligcwalisile iZiyoni ngobulungiswa nokulunga.
Kepha uSimakade unguNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu ophilayo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe, umhlaba uyazamazama; izizwe azinakumelana nolaka lwakhe.
ngaphezu kakhulu kwakho konke ukubusa, negunya, namandla, nobukhosi, namagama wonke aphathwayo, kungekulesi sikhathi kuphela, kepha nakwesizayo.