AmaHubo 97:8 - IsiZulu 2020 IZiyoni liyezwa, futhi lithokozile, namadodakazi akwaJuda ayethaba, ngenxa yezehlulelo zakho, Simakade, IBHAYIBHELI ELINGCWELE ISiyoni liyezwa, liyajabula; amadodakazi akwaJuda ayethaba ngenxa yezahlulelo zakho, Jehova. Contemporary Zulu Bible 2024 IZiyoni yezwa, yathokoza; amadodakazi akwaJuda ajabula ngezahlulelo zakho, Jehova; |
Intaba iZiyoni mayithokoze, kwethabe amadodakazi akwaJuda, ngenxa yezehlulelo zakho.
Hambani nizungeze iZiyoni, nihambe kuyo yonke indawo, nibale imibhoshongo yalo.
Olungileyo uyojabula uma ebona impindiselo, uyogeza izinyawo zakhe egazini lababi,
Ngokuba uSimakade uyoliduduza iZiyoni, aziduduze zonke izindawo zalo ezichithiweyo; enze ihlane lalo libe njenge-Edene, nogwadule lwalo lube njengensimu kaSimakade; injabulo, nentokozo, ukubonga, nezwi lokuhlabelela kuyofunyanwa khona.
USimakade uyezwakala kuze kube sekugcineni komhlaba, uthi: “Yishoni kuyo indodakazi yaseZiyoni, nithi: ‘Bheka, insindiso yakho iyeza. Bheka, umvuzo wakhe uza nawo, nenkokhelo yakhe iphambi kobuso bakhe.’ ”
Thokoza kakhulu ndodakazi yaseZiyoni, hlokoma ngenjabulo ndodakazi yaseJerusalema. Uyabona-ke, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inqobile, ithobekile, igibele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.
Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baphrofethi, ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”