Izizwe ziyaxokozela, imibuso iyazamazama; uphumisela izwi lakhe, umhlaba uncibilike.
AmaHubo 97:5 - IsiZulu 2020 Izintaba zincibilikisa okwengcina phambi kukaSimakade, phambi kweNkosi yawo wonke umhlaba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izintaba zincibilika njengengcina phambi kukaJehova, phambi kweNkosi yomhlaba wonke. Contemporary Zulu Bible 2024 Izintaba zancibilika njengengcina phambi kweNkosi, phambi kweNkosi yomhlaba wonke. |
Izizwe ziyaxokozela, imibuso iyazamazama; uphumisela izwi lakhe, umhlaba uncibilike.
bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguSimakade, ungoPhezukonke emhlabeni wonke.
Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho, nguSimakade Wamabandla, igama lakhe; oNgcwele ka-Israyeli onguMhlengi wakho, obizwa ngokuthi nguNkulunkulu womhlaba wonke.
Sukuma ubhule, ndodakazi yaseZiyoni, ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi, nezinselo zakho ngizenze zibe yithusi; uyakuqothisisa izizwe eziningi.” Uyakwethula inzuzo yazo nomcebo wazo kuSimakade, iNkosi yomhlaba wonke.
Izintaba ziyazamazama phambi kwakhe, amagquma ancibilike, umhlaba uyavokomala, nezwe nabo bonke abahlala kulo.
Uyama, azamazamise umhlaba; uyabuka, athuthumelise izizwe; izintaba zakudala ziyabhidlizwa, namagquma asemandulo ayakhothama, yizindlela zakhe zaphakade.
Uma kukhona umuntu othi kini: ‘Nikwenzelani lokhu na?’ anothi ‘INkosi iyalidinga, izakulibuyisa lapha masinyane.’ ”
ngibhalela ibandla likaNkulunkulu eliseKhorinte, kwabangcwelisiwe kuKhristu uJesu, ababiziweyo ukuba babe ngcwele. Ngibhalela nabo bonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Khristu ezindaweni zonke abakuzo:
Bhekani, umphongolo wesivumelwano seNkosi yomhlaba wonke uzokwedlula phambi kwenu eJordani.