Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 96:12 - IsiZulu 2020

Mawethabe amasimu, nakho konke okukuwo, kwename imithi yonke yehlathi

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Mawename amasimu nakho konke okukuwo, ijabule imithi yonke yehlathi

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Mayijabule insimu nakho konke okukuyo; khona-ke yonke imithi yehlathi iyojabula

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 96:12
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kuyakuthokoza ihlane nendawo eyomileyo, kujabule ugwadule luqhakaze njengentebe.


Luzokhahlela kakhulu luthokoze, lujabule, lugide. Inkazimulo yeLebhanoni izobuyiselwa kulo nobukhosi beKharimeli nobeSharoni. Bayakubona inkazimulo kaSimakade, ubukhosi bukaNkulunkulu wethu.


Thokozani, mazulu, ngokuba uSimakade usukumile, nijabule nina zindawo eziphansi zomhlaba, nihlabelele kakhulu nina zintaba, nawe hlathi nayo yonke imithi ekuwe, ngokuba uSimakade umhlengile uJakobe, ngokuhlabelela, wazidumisa ngo-Israyeli.


Jabulani mazulu, uthokoze nawe mhlaba, qhumukani zintaba, nihube, ngokuba uSimakade ubaduduzile abantu bakhe, unozwelo kwabahluphekileyo bakhe.