AmaHubo 96:11 - IsiZulu 2020 Malijabule izulu, umhlaba uthokoze, maluhlokome ulwandle, nakho konke okukulo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Malijabule izulu, umhlaba uthokoze; maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo. Contemporary Zulu Bible 2024 Malijabule izulu, umhlaba uthokoze; makuhlokome ulwandle nokugcwala kwalo. |
Thokozani, mazulu, ngokuba uSimakade usukumile, nijabule nina zindawo eziphansi zomhlaba, nihlabelele kakhulu nina zintaba, nawe hlathi nayo yonke imithi ekuwe, ngokuba uSimakade umhlengile uJakobe, ngokuhlabelela, wazidumisa ngo-Israyeli.
Jabulani mazulu, uthokoze nawe mhlaba, qhumukani zintaba, nihube, ngokuba uSimakade ubaduduzile abantu bakhe, unozwelo kwabahluphekileyo bakhe.
Ngithi kini: kanjalo-ke kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni esisodwa esiphendukayo.”
Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi, ngokuba nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke,
Ngakho-ke jabulani nina mazulu nalabo abahlala kuwo. Maye, kuwe mhlaba, nakuwe lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi kahle ukuthi isikhathi sifushane!”