“USimakade uyaphila malidunyiswe idwala lami. Makaphakanyiswe uNkulunkulu, idwala lensindiso yami.
AmaHubo 95:1 - IsiZulu 2020 Wozani simhubele uSimakade, silihlokomele ngenjabulo idwala lensindiso yethu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wozani simhubele uJehova, sihlabelele ngenjabulo kulo idwala lensindiso yethu. Contemporary Zulu Bible 2024 Wozani sihlabelele inkazimulo kaJehova, sijabule kulo idwala lensindiso yethu. |
“USimakade uyaphila malidunyiswe idwala lami. Makaphakanyiswe uNkulunkulu, idwala lensindiso yami.
Bafika eJerusalema bephethe izingubhu, amahabhu, namacilongo, bangena endlini kaSimakade.
Halalisani kuNkulunkulu ongamandla ethu, nimemeze ngenjabulo kuNkulunkulu kaJakobe.
UMose nabantu bakwa-Israyeli bahuba leli hubo kuSimakade, bathi: “Ngizohlabelela kuSimakade, ngokuba uphakeme kakhulu, ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle.
UMiriyamu wahlabelela wathi: “Hlabelelelani uSimakade, ngokuba uphakeme kakhulu, ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle.”
umsindo wokujabula nowentokozo, izwi lomyeni nelikamakoti, izwi lalabo abathi: “ ‘ “Bongani uSimakade Wamabandla, ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade.” “ ‘Kuyozwakala nezwi labaletha iminikelo yokubonga endlini kaSimakade, ngokuba izwe ngiyakukuguqula ukuthunjwa kwalo, liphinde libe njengakuqala,’ kusho uSimakade.
Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zazimemeza zithi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiswe ozayo egameni leNkosi. Hosana kweliphezulu!”
baphuza okufanayo komoya, ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalandelayo, lelo dwala lalinguKhristu.
niphendulane ngamahubo, ngezihlabelelo nangamaculo okomoya, nicule niyihubele iNkosi enhliziyweni yenu,
“UJeshuruni wakhuluphala, wayesekhahlela; usekhuluphele, uzimukile, futhi uchachambile. Wamshiya uNkulunkulu owamenza, waledelela iDwala lensindiso yakhe.
Izwi likaKhristu malihlale kini njalo, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, ngezihlabelelo nangamaculo okomoya; nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.
Bahlabelela kwangathi yigama elisha phambi kwesihlalo sobukhosi, naphambi kwezidalwa ezine namalunga, kodwa akubanga bikho noyedwa owaba namandla okufunda lelo culo, kuphela abayizi-144 000 ababehlengwe emhlabeni.
Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.
Ngase ngizwa okungathi yizwi lesixuku esikhulu, linjengokuhlokoma kwamanzi amaningi, nanjengezwi lokuduma okunamandla, lithi: “Haleluya! Ngokuba iNkosi uNkulunkulu wethu, uSomandla, iyabusa.
Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe.