USimakade usethempelini lakhe elingcwele. Isihlalo sakho Simakade sisezulwini. Amehlo akho ayabona, ukubheka kwakho kuyabahlolisisa abantwana babantu.
AmaHubo 94:9 - IsiZulu 2020 Owenza indlebe kanakuzwa na? Owadala iso kanakubona na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Owenza indlebe kanakuzwa na? Owadala iso kanakubona na? Contemporary Zulu Bible 2024 Ohlanyele indlebe akezwa yini? Owabumba ilihlo, kayikubona yini? |
USimakade usethempelini lakhe elingcwele. Isihlalo sakho Simakade sisezulwini. Amehlo akho ayabona, ukubheka kwakho kuyabahlolisisa abantwana babantu.
Uyivivinyile inhliziyo yami, wangihambela ebusuku; uyangihlolisisa, kepha awufumani lutho; nginqumile ukuba ngingoni ngomlomo wami.
Ubuso bukaSimakade bumelene nabenzi bokubi, ukuba aqede ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.
ngeke yini uNkulunkulu azi ngalokho na? Ngokuba Yena wazi izimfihlo ezisenhliziyweni.
USimakade wathi kuye: “Ngubani owenza umlomo womuntu na? Ngubani owenza isimungulu nesithulu, obonayo noyimpumputhe na? AkusiMina Simakade na?
Iwayini liyisedeleli, uphuzo olunamandla lungumxokozeli; bonke abadiyazeliswa yilo kabahlakaniphile.
Isandla sikaSimakade asifinyeziwe ukuba sisindise, nendlebe yakhe ayibuthuntu ukuba izwe.
“ ‘ “Nizikhukhumezile kimi ngomlomo wenu, naphindaphinda amazwi enu. Mina ngizwile.” ’ ”
Uma wonke umzimba ubuyiso, ukuzwa ngabe kukuphi na? Uma wawungukuzwa, ngabe ukunuka kukuphi na?