Qha, uyabona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa, nokuthi isiwula nesiphukuphuku siyabhubha; umcebo wabo bawushiyele abanye.
AmaHubo 94:8 - IsiZulu 2020 Qaphelani nina zithutha eziphakathi kwabantu, nani ziwula, niyakuqonda nini na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Qaphelani nina zithutha phakathi kwabantu; nani ziwula, niyakuqonda nini na? Contemporary Zulu Bible 2024 Qondani nina bantu abayiziwula phakathi kwabantu, nani ziwula, niyakuhlakanipha nini na? |
Qha, uyabona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa, nokuthi isiwula nesiphukuphuku siyabhubha; umcebo wabo bawushiyele abanye.
“Kuyoze kube nini ziwula ndini nithanda ubuwula, nani zedeleli, nithokoziswa ngukweyisa, nani ziwula nizonda ulwazi na?
Nina eningenalwazi qondani ukuhlakanipha; nani ziwula, yibani nenhliziyo eqondayo.
Lapho amagatsha awo esebunile, ayogencwa, kufike abesifazane baphembe ngawo umlilo. Ngokuba laba bantu bayisizwe esingenakuqonda; owabenzayo akayukubahawukela, nowababumbayo akayukuba namusa kubo.
Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sidukiswa, siyizigqila zezinkanuko nokutamasa okunhlobonhlobo, siphila ebubini, sinomona, sizondwa futhi sizondana.