ukuhlanekezela ubulungiswa kwabantulayo, nokuqola abantu bami abampofu amalungelo abo, ukuze abafelokazi babe yimpango yabo, nezintandane zibe yisisulu sabo.
AmaHubo 94:6 - IsiZulu 2020 Babulala abafelokazi nabafokazi, babulale nezintandane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bayabhubhisa umfelokazi nomfokazi, nezintandane bayazibulala. Contemporary Zulu Bible 2024 Babulala umfelokazi nomfokazi futhi babulala intandane. |
ukuhlanekezela ubulungiswa kwabantulayo, nokuqola abantu bami abampofu amalungelo abo, ukuze abafelokazi babe yimpango yabo, nezintandane zibe yisisulu sabo.
Usho kanje uSimakade, uthi: “Yenzani ubulungiswa nokulunga, nisindise ophangiweyo esandleni somcindezeli, ningabahlukumezi abafokazi nezintandane nabafelokazi, futhi ningabaphathi kabi, nangesihluku, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo.
ningacindezeli umfokazi, intandane nomfelokazi, ningachithi gazi elingenacala kule ndawo, futhi ningabalandeli abanye onkulunkulu, funa nilimale,
Babaphatha ngendlakadla oyise nonina kuwe, abafokazi abagogobele kuwe babacindezela, kwathi izintandane nabafokazi abakuwe baphathwa kabi.
“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.