Uyakuthi kuye: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: ubulele, wadla isivini, na?’ Bese ukhuluma kuye, uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: endaweni lapho izinja zaxhapha khona igazi likaNabothi, izinja ziyakuxhapha negazi lakho, yebo, elakho.’ ”
AmaHubo 94:21 - IsiZulu 2020 Bahlangana ukuvukela umphefumulo wolungileyo, balahla umuntu ongenacala ukuba afe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bahlangana ukuvukela umphefumulo wolungileyo; igazi elingenacala bayalilahla. Contemporary Zulu Bible 2024 Babuthanela umphefumulo wolungileyo, balilahle igazi elingenacala. |
Uyakuthi kuye: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: ubulele, wadla isivini, na?’ Bese ukhuluma kuye, uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: endaweni lapho izinja zaxhapha khona igazi likaNabothi, izinja ziyakuxhapha negazi lakho, yebo, elakho.’ ”
Bamenzela ugobe, bamkhanda ngamatshe, beyalelwa yinkosi, egcekeni lendlu kaSimakade.
Bachitha igazi elingenacala, igazi lamadodana abo namadodakazi abo, abawahlabela izithombe zaseKhanani; izwe langcoliswa yigazi.
Ngokuba izinja zingihaqile, umgwamanda wabenzi bokubi ungizungezile. Izandla nezinyawo zami bazibhobozile.
Bayangihlasela, bangicuthele, baqaphe izinyathelo zami, baqamekele umphefumulo wami.
Ngokuba, bheka, baqamekela impilo yami, iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko nasono kimi, Simakade.
Ziqhelelanise nokwethwesa omunye icala lamanga, ungambulali ongenacala noma labo abaseqinisweni, ngokuba angiyukumkhulula onecala.
uma zithi kuwe: “Woza, hamba nathi ukuze sibalalele unyendle, ngaphandle kwesizathu, sichithe igazi labangenacala!
Othetha ngecala isikhohlakali, nolahla ngecala olungileyo, bobabili bayisinengiso kuSimakade.
Kuphela yazini nokwazi ukuthi uma ningibulala, niyakwehlisela igazi elingenacala phezu kwenu, phezu kwalo muzi, naphezu kwabakhileyo kuwo, ngokuba ngokweqiniso nguSimakade ongithume kini ukuba ngisho wonke lawa mazwi ezindlebeni zenu.”
Bamukele umfumbathiso kuwe ukuba bachithe igazi, wena wathatha inzalo nenzuzo, waphanga omakhelwane bakho ngokubacindezela, kodwa wangikhohlwa Mina, kusho iNkosi uSimakade.
Izikhulu zawo ezikuwo, zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuba zichithe igazi, zibaqede nya abantu, ukuze zithole inzuzo embi.
“ ‘ “Bheka nje, yileso naleso sikhulu sakwa-Israyeli esasihlala kuwe, senza ngokusemandleni aso ukuba sichithe igazi.
Manje, nkosi, khipha isimemezelo, ulobe umbhalo ongenakuguqulwa ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.”
Kwathi sekusile, bonke abaphristi abakhulu namalunga esizwe bahlangana, bakha itulo lokumbulala uJesu.
wathi: “Ngonile ngakhaphela ongenacala.” Bona bathi: “Pho uthi asenzeni thina? Zibonele wena.”
Yimuphi kubaphrofethi ongahlushwanga ngokhokho benu na? Bababulala ababememezela phambilini ukuza koLungileyo, nani manje seningabakhapheli nababulali bakhe.
Ngase ngibona owesifazane edakwe yigazi labangcwele negazi lofakazi bakaJesu. Ngamangala ngokumangala okukhulu.