AmaHubo 94:11 - IsiZulu 2020 USimakade uyayazi imicabango yabantu ukuthi ingumoya nje. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova uyayazi imicabango yabantu ukuba ingumoya nje. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova uyayazi imicabango yomuntu ukuthi iyize. |
“Ngiyayazi imisebenzi yabo nemicabango yabo; ngiyeza ukuzobutha zonke izizwe nezilimi, ziyakufika, ziyibone inkazimulo yami.
Phela kulotshiwe ukuthi: “Ngiyakuqeda nya ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo, ngikwenze ize ukuqonda kwabanokuqonda.”
Ngokuba njengalokhu ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu izwe lingazange limazi uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, lokho kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo.
Ngokuba ubuwula bukaNkulunkulu buhlakaniphile kunobabantu, nobuthakathaka bukaNkulunkulu bunamandla kunobabantu.