Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 93:5 - IsiZulu 2020

Ubufakazi bakho buqinisekile impela. Simakade, ubungcwele buyifanele indlu yakho kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ukufakaza kwakho kuqinisekile kakhulu. Ubungcwele buyifanele indlu yakho, Jehova, kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ubufakazi bakho buqinile kakhulu; ubungcwele buyindlu yakho, Jehova, kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 93:5
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

wathi kubo: “Ngilaleleni, nina baLevi. Manje, zingcweliseni, ningcwelise nendlu kaSimakade uNkulunkulu wokhokho benu, nisuse ukungcola endaweni engcwele.


Ubufakazi bakho buyifa lami laphakade, ngokuba buwukuthokoza kwenhliziyo yami.


Ubufakazi bakho buyamangalisa, yingakho umphefumulo wami ubugcina.


Ubufakazi bakho ubuqoke ngokulunga nangokwethembeka okukhulu.


Ukulunga kobufakazi bakho kumi ingunaphakade; ngiphe ukuqonda ukuze ngiphile.


Mnikeni uSimakade udumo olufanele igama lakhe, mdumiseni uSimakade ebukhazikhazini bakhe obungcwele.


Mphakamiseni uSimakade uNkulunkulu wethu, nikhuleke ngasesenabelweni sezinyawo zakhe; ungcwele Yena.


Mphakamiseni uSimakade uNkulunkulu wethu, nikhuleke nisentabeni yakhe engcwele, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu ungcwele.


“Uyokwenza ucwecwe lwegolide elicwengekileyo, uqophe kulo njengokuqoshwa kwendandatho, ukuthi: ‘Wehlukaniselwe uSimakade.’


Hambani, hambani, phumani lapho! Ningathinti lutho olungcolileyo, phumani phakathi kwalo, zihlambululeni, nina eniphatha izitsha zikaSimakade.


isifundiso nobufakazi kwabafileyo na? Impela abakhuluma ngalolu hlobo, kabasoze baba nakukhanya.


“Nanku umthetho wendlu: Esiqongweni sentaba, wonke umngcele wayo oyizungeze gimbici, uyakuba ngcwele kakhulu. Uyabona-ke, lokho kungumthetho wendlu.


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho lokhu uSimakade akukhuluma, wathi: “ ‘Ngalabo abaseduze nami ngiyakuzibonakalisa ngingcwele, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


“Khuluma kuyo inhlangano yabantu bakwa-Israyeli, uthi kuyo: ‘Niyoba ngcwele ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wenu ngingcwele.


Izulu nomhlaba kuyakudlula, kodwa amazwi ami awasoze adlula.


UNkulunkulu unguMoya, ngakho-ke abamkhonzayo kufanele bamkhonze ngomoya nangeqiniso.”


Phokophelelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa; ongenakho akasoze ayibone iNkosi.


Akukho lutho olungcolileyo oluyakungena kuwo nanini, owenza amanyala noqamba amanga, kuphela labo abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.