Simakade, yaze yaba miningi imisebenzi yakho, yonke uyenze ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.
AmaHubo 92:6 - IsiZulu 2020 Umuntu oyisiwula akanalwazi, nesiphukuphuku asikuqondi lokhu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umuntu oyisilima angekucabange, nesiwula asikuboni. Contemporary Zulu Bible 2024 Umuntu okhutheleyo akazi; futhi isiwula asikuqondi. |
Simakade, yaze yaba miningi imisebenzi yakho, yonke uyenze ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.
Ngiyakukubonga ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa, umphefumulo wami ukwazi kahle.
Isiwula sithi enhliziyweni yaso: “Akekho uNkulunkulu.” Bonakele, benza okunengekayo, akekho owenza okuhle.
Ungafani nehhashi nomnyuzi okungenakuqonda, okukhalinywa ngetomu nomkhala ukuze kuhambe kuqonde, kungenjalo akuyukuwulalela umthetho wakho.
Qha, uyabona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa, nokuthi isiwula nesiphukuphuku siyabhubha; umcebo wabo bawushiyele abanye.
Qaphelani nina zithutha eziphakathi kwabantu, nani ziwula, niyakuqonda nini na?
“Kuyoze kube nini ziwula ndini nithanda ubuwula, nani zedeleli, nithokoziswa ngukweyisa, nani ziwula nizonda ulwazi na?
Ukuhlakanipha kuphakeme kakhulu esiwuleni, sona asiwuvuli umlomo waso esangweni.
Inkabi iyamazi umniniyo, nembongolo umkhombe lapho umniniyo eyiphakela khona, kodwa u-Israyeli akazi, abantu bami kabaqondi.”
Nalokho kuvela kuSimakade Wamabandla omangalisayo ekwalulekeni, nohlakaniphe ngokwedlulele.
“Njengalokhu amazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu.
Bonke abantu bayiziphukuphuku, abanalwazi; bonke ababumbi bathelwe ngehlazo nezithombe zabo ezibunjiweyo ziyinkohliso, azinamphefumulo.
Umkhulu ngamasu, izenzo zakho zinkulu, amehlo akho ayazibona zonke izindlela zabantu, ukuze ubanike yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe nanjengokwezithelo zemisebenzi yakhe.
“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Siwula ndini, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakuthathwa kuwe. Pho-ke ziyakuba ngezikabani lezi zinto ozilungisileyo na?’
Umuntu wemvelo akakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye, futhi angekuqonde lokho; kuqondisiswa ngokomoya.