“Ngalokho ngizweni, nina bantu abanokuqonda, makube kude noNkulunkulu ukuba enze inkohlakalo, nakuSomandla ukuba enze okungalungile.
AmaHubo 92:15 - IsiZulu 2020 ukuze bamemezele ukuthi uSimakade ulungile, uyidwala lami, kuye akukho ukungalungi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ukuze bashumayele ukuthi uJehova ulungile; uyidwala lami okungekho kuye ukungalungi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ukufakaza ukuthi uJehova uqotho: uyidwala lami, akukho ukungalungi kuye. |
“Ngalokho ngizweni, nina bantu abanokuqonda, makube kude noNkulunkulu ukuba enze inkohlakalo, nakuSomandla ukuba enze okungalungile.
Ufana nesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi esifaneleyo, esimaqabunga aso angabuni. Uyaphumelela kukho konke akwenzayo.
Simakade, uyidwala lami nenqaba yami, noMkhululi wami, uNkulunkulu wami; uyidwala engikhosela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami.
NguYena kuphela oyidwala lami, nensindiso yami, nenqaba yami; angiyukunyakaziswa.
Ukwesaba uSimakade kwandisa izinsuku, kodwa iminyaka yezikhohlakali iyancishiswa.
USimakade ulungile kuwo, akakwenzi okungalungile. Njalo ekuseni ukhipha isehlulelo sakhe ekukhanyeni, akehluleki, kepha abangalungile abalazi ihlazo.
“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokwethembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho Yena.
UMose wafa eseneminyaka eyi-120, kodwa iso lakhe lalingakafiphali namandla akhe engakanciphi.
nasethembeni lokuphila okuphakade, uNkulunkulu ongawaqambi amanga akwethembisa zingakabi bikho izikhathi zaphakade,