AmaHubo 92:1 - IsiZulu 2020 Kuhle ukubonga uSimakade, nokuhubela igama lakho, Wena oPhezukonke, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuhle ukumbonga uJehova nokuhubela igama lakho wena oPhezukonke; Contemporary Zulu Bible 2024 (Ihubo losuku lwesabatha.) Kuhle ukudumisa uJehova nokuhubela igama lakho, wena oPhezukonke. |
Mdumiseni uSimakade, ngokuba Yena muhle, lihubeleni igama lakhe, ngokuba lihle.
Haleluya! Kumnandi kakhulu ukuhlabelelela uNkulunkulu wethu, ngokuba unomusa, indumiso imfanele.
Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa, oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”
Ngizokudumisa kuze kube phakade, ngokuba ukwenzile lokho. Ngizolindela igama lakho, ngokuba lihle phambi kwabathembekile bakho.
Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu, ngiyenzile iNkosi uSimakade ibe yisiphephelo sami, ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.
Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.
“E, nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukhadinezari uyihlo umbuso, ubukhulu, udumo, nobukhosi.
niphendulane ngamahubo, ngezihlabelelo nangamaculo okomoya, nicule niyihubele iNkosi enhliziyweni yenu,
Ngakho-ke ngaye, masinikele umhlatshelo wokudumisa kuNkulunkulu, okuyisona sithelo sezindebe zomlomo wethu, sivume igama lakhe.