USimakade wayesethumela ubhubhane kwa-Israyeli kusukela ekuseni kwaze kwaba yisikhathi esinqunyiweyo. Kwafa abantu abayizi-70 000 kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba.
AmaHubo 91:3 - IsiZulu 2020 Ngokuba nguYena oyokuhlenga ogibeni lomcuphi nasobhubhaneni, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba yena uyakukhipha ogibeni lomcuphi nasobhadaneni olubhubhisayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Impela uyakukusindisa ogibeni lomcuphi nasobhadaneni olubhubhisayo. |
USimakade wayesethumela ubhubhane kwa-Israyeli kusukela ekuseni kwaze kwaba yisikhathi esinqunyiweyo. Kwafa abantu abayizi-70 000 kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba.
“Uma kukhona indlala ezweni, ubhubhane, ukuhwamuka, isikhutha, isikhonyane, umswenya, noma isitha sabo sibavimbezela ezweni emasangweni abo, noma ngabe iyiphi inhlupheko nobhubhane,
Umphefumulo wethu uphunyuke njengenyoni ogibeni lwabacuphi; ugibe lwaphukile, thina saphunyuka.
Kepha uNkulunkulu uzophohloza amakhanda ezitha zakhe, ukhakhayi lwalowo onesihluthu ohamba ezindleleni zokona kwakhe.
uze umcibisholo uhlabe esibindini sayo; isheshela ogibeni njengenyoni, ingazi ukuthi lubekelwe ukuphila kwayo.
Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe; kunjengezinhlanzi ezibanjwa enethini elinonya, nezinyoni ezibanjwa ogibeni; kanjalo nabantu babanjwa ogibeni olubi, oluyisikhathi esibafikela bengazelele.
Umphrofethi ungumlindi ka-Efrayimi kanye noNkulunkulu wami, kodwa umphrofethi ubekelwe ugibe lwezinyoni kuzo zonke izindlela zakhe, nobutha busendlini kaNkulunkulu wakhe.
Inyoni ingawela yini ogibeni olusemhlabathini uma kungekho ecushwe ngakho na? Unoxhaka ungazisukela yini emhlabathini uma impela ungabambe lutho na?
Kodwa labo abathanda ukuceba, bawela esilingweni, ogibeni, nasezinkanukweni zobuwula eziningi ezilimazayo, ezikhalakathisela abantu ekufeni nasekubhujisweni,
basanguluke engqondweni, baphunyuke ogibeni lukaSathane, ababambe ngalo ukuze benze intando yakhe.