U-Abhrahama wafa esemdala kakhulu, egculisekile yiminyaka ayiphilile, wangcwatshwa koyisemkhulu.
AmaHubo 91:16 - IsiZulu 2020 Ngiyomsuthisa ngobude bezinsuku zokuphila, ngimbonise insindiso yami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyakumsuthisa ngobude bezinsuku, ngimbonise insindiso yami. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngizomanelisa ngezinsuku ezinde futhi ngimenze abone insindiso yami. |
U-Abhrahama wafa esemdala kakhulu, egculisekile yiminyaka ayiphilile, wangcwatshwa koyisemkhulu.
Uyakungazisa indlela yokuphila; phambi kwakho kunenjabulo epheleleyo; intokozo yaphakade, ingakwesokunene sakho.
Yacela kuwe ukuphila, wayipha khona; yaphila izinsuku eziningi, kwaze kwaba ingunaphakade.
Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa, oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”
Ukwesaba uSimakade kwandisa izinsuku, kodwa iminyaka yezikhohlakali iyancishiswa.
Impilo ende isesandleni sakho sokunene, kwesokhohlo sakho kukhona ingcebo nodumo.
Kepha u-Israyeli usindisiwe nguSimakade, ngokusindiswa okuphakade; aniyukujabha, aniyukuba namahloni kuze kube phakade.
ukuze umesabe uSimakade uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho, zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho.