AmaHubo 90:9 - IsiZulu 2020 Ngokuba izinsuku zethu zidlula phansi kwentukuthelo, iminyaka yethu iphela ngokuphazima kweso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba izinsuku zethu ziyadlula ngentukuthelo yakho; siyafeza iminyaka yethu njengephefu. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba zonke izinsuku zethu ziphelele entukuthelweni yakho; sichitha iminyaka yethu njengendaba exoxwayo. |
“Simakade, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe ekunxuseni kwami, izinyembezi zami mazingakuniki ukuthula. Ngokuba kuwe ngingumfokazi, isihambi, njengokhokho bami.
Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla, imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe, impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela
Ngokuba emehlweni akho inkulungwane yeminyaka ingangosuku lwayizolo olwedlule, imfushane ngangomlindo wasebusuku.