AmaHubo 90:5 - IsiZulu 2020 Ubakhukhula njengesikhukhula; banjengobuthongo, nanjengotshani obuhluma ekuseni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyabamukisa njengesikhukhula, banjengobuthongo; ekuseni banjengotshani obuhlumayo; Contemporary Zulu Bible 2024 Uyabasusa njengesikhukhula; banjengobuthongo; ekuseni banjengotshani obumilayo. |
Yizo ezahlwithwa kungakabi yisikhathi, ezisisekelo sazo sathululwa njengomfula,
Kusukela ekuseni kuze kube kusihlwa bayagxotshwa, bayabhubha kuze kube phakade kungekho nonake utho ngabo.
Njengephupho ekuphaphameni, Nkosi, uyakuwedelela umfanekiso wabo ekuvukeni kwakho.
Idokodo lami lisishuliwe, lasuswa kimi njengethende lomelusi; Njengomaluki, ukuphila kwami ngakusonga, uyanginquma esalukweni, kusukela emini kuze kube sebusuku uyayiphelisa impilo yami.
Ngakhala ngifuna usizo kwaze kwasekuseni; uyawephula wonke amathambo ami njengengonyama; kusukela emini kuze kube sebusuku, uyayiqeda impilo yami.
Izwi lithi: “Memeza!” Ngathi: “Ngiyakumemeza ngithini na?” Bonke abantu bangutshani, nabo bonke ubuhle babo bunjengembali yasendle.
Utshani buyabuna, imbali iyavuthuluka, ngokuba uMoya kaSimakade uyakuphephetha. Impela abantu bangutshani.
ngokuba: “Yonke inyama injengotshani, nobuhle bayo bonke bunjengembali yotshani. Utshani buyabuna, nembali ivuthuluke. Kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade.”