Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla, imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe, impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela
AmaHubo 90:4 - IsiZulu 2020 Ngokuba emehlweni akho inkulungwane yeminyaka ingangosuku lwayizolo olwedlule, imfushane ngangomlindo wasebusuku. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba iminyaka eyinkulungwane emehlweni akho injengezolo selidlulile, nanjengomlindo ebusuku. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba iminyaka eyinkulungwane emehlweni akho injengezolo lapho isiphelile, nanjengomlindo wasebusuku. |
Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla, imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe, impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela
Entathakusa uSimakade esensikeni yomlilo nasefini, wabheka phansi emshungwini wempi yabaseGibhithe, wayenza yadideka impi.
Kepha yazini lokhu ukuthi, ukuba umninindlu ubazi ukuthi isela liyakugasela nini ebusuku, ubeyakulinda, angavumi ukuba indlu yakhe igqekezwe.
Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi noma inkosi yazo ifika kwesikabhadakazi noma entathakusa, izifumane zilindile.
Bathandekayo, nize ningakhohlwa yilokhu okukodwa qwaba, ukuthi usuku lunye eNkosini lunjengeminyaka eyinkulungwane, nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye.
UGideyoni nabayikhulu ababehamba naye bafika emaphethelweni enkambu yakwaMidiyani ngokuqala komlindo ophakathi, lapho abaqaphi bephuma kungena abanye; babetha amacilongo baphihliza izitsha ezazisezandleni zabo.